Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Lingasifundisani IBhayibheli?

 ISAHLUKO 13

Bonisa Ukuthi Uyakuhlonipha Ukuphila

Bonisa Ukuthi Uyakuhlonipha Ukuphila

1. Ubani owasidala?

UJEHOVA “unguNkulunkulu ophilayo.” (Jeremiya 10:10) UnguMdali wethu ngakho uyena osiphe ukuphila. IBhayibheli lithi: “Wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” (IsAmbulo 4:11) Ukuphila kuyisipho esihle esisiphiwe uJehova.—Funda iHubo 36:9.

2. Yini esingayenza ukuze siphumelele ekuphileni?

2 UJehova usinika zonke izinto esizidingayo, ezinjengokudla namanzi ukuze siqhubeke siphila. (IzEnzo 17:28) Ngaphezu kwalokho, ufuna sikujabulele ukuphila. (IzEnzo 14:15-17) Ukuze yonke into esiyenzayo iphumelele, kufanele silalele imithetho kaNkulunkulu.—Isaya 48:17, 18.

UMBONO KANKULUNKULU NGOKUPHILA

3. Yini uJehova ayenza kuKhayini ngenxa yokubulala u-Abela?

3 IBhayibheli lisifundisa ukuthi sonke sibalulekile kuJehova. Ngokwesibonelo, lapho uKhayini, indodana ka-Adamu no-Eva, ethukuthelela umfowabo omncane u-Abela, uJehova wamxwayisa ukuba angavumeli intukuthelo yakhe imlawule. UKhayini akazange amlalele uJehova, waqhubeka ethukuthele ‘wahlasela u-Abela umfowabo, wambulala.’ (Genesise 4:3-8) UJehova wamjezisa uKhayini ngenxa yokubulala u-Abela. (Genesise 4:9-11) Ngakho kuyingozi ukuthukuthela nokuba nenzondo, ngoba kungasenza sibe nesihluku nenhliziyo embi. Umuntu onjalo ngeke akuthole ukuphila okuphakade. (Funda  eyoku-1 Johane 3:15.) Uma sifuna ukujabulisa uJehova kumelwe sithande bonke abantu.—1 Johane 3:11, 12.

4. Omunye wemithetho uNkulunkulu ayinika ama-Israyeli usifundisani ngokuphila?

4 UJehova wabonisa ukuthi ukuphila kuyigugu kangakanani kuye lapho enika uMose iMithetho Eyishumi. Omunye waleyo mithetho uthi: “Ungabulali.” (Duteronomi 5:17) Uma umuntu ebulale omunye ngamabomu naye wayebulawa.

5. Uthini uNkulunkulu ngokukhipha isisu?

5 Uthini uNkulunkulu ngokukhipha isisu? Ngisho nengane esesiswini ibalulekile kuJehova. UMthetho uJehova awunika ama-Israyeli wawuthi uma umuntu elimaza owesifazane okhulelwe bese ingane iyafa, lowo muntu kwakufanele abulawe. (Funda u-Eksodusi 21:22, 23; IHubo 127:3.) Lokhu kusifundisa ukuthi ukukhipha isisu akulungile.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 28.

6, 7. Singambonisa kanjani uJehova ukuthi ukuphila kubalulekile kithi?

6 Singambonisa kanjani uJehova ukuthi ukuphila kwethu nokwabanye kubalulekile kithi? Ngokungenzi izinto ezizobeka ukuphila kwethu nokwabanye engozini. Ngakho ngeke sibheme, sisebenzise isinemfu noma sisebenzise ezinye izidakamizwa, ngoba lokho kungasilimaza noma kusibulale.

7 NguNkulunkulu owasidala, ngakho kufanele simlalele lapho esitshela ukuthi kumelwe siyiphathe kanjani imizimba yethu. Kumelwe sigweme yonke imikhuba emibi engangcolisa imizimba yethu. Uma singakwenzi lokho, uJehova uzosibheka njengabangcolile. (Roma 6:19; 12:1; 2 Korinte 7:1) Uma singakuhloniphi ukuphila, ngeke sibe izikhonzi zikaJehova okunguye osiphe ukuphila. Nakuba kungase kungabi lula ukuyeka imikhuba emibi, uJehova uzosisiza uma sizama, ngoba lokho kuyobonisa ukuthi ukuphila kuyigugu kithi.

8. Yini esingayenza ukuze singabeki ukuphila kwethu nokwabanye engozini?

 8 Sesitholile ukuthi ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu. UJehova uyasithemba ukuthi asisoze sabeka ukuphila kwethu nokwabanye engozini. Ngakho kumelwe sicophelele lapho sishayela izimoto, izithuthuthu nezinye izinto zokuhamba. Ngeke sidlale noma sibukele imidlalo eyingozi naleyo okulwiwa kuyo. (IHubo 11:5) Senza konke esingakwenza ukuze sigcine amakhaya ethu ephephile. UJehova wayala ama-Israyeli: “Uma kwenzeka wakha indlu entsha, kumelwe futhi wenzele uphahla lwakho uthango lokuvikela, ukuze ungabeki icala legazi phezu kwendlu yakho ngoba umuntu owayo angase awe kulo.”—Duteronomi 22:8.

9. Kufanele siziphathe kanjani izilwane?

9 Indlela esiphatha ngayo izilwane nayo ibalulekile kuJehova. Uyavuma ukuba sibulale izilwane ukuze sithole ukudla nokokugqoka noma lapho isilwane siyingozi kubantu. (Genesise 3:21; 9:3; Eksodusi 21:28) Nokho, akufanele sihlukumeze izilwane noma sizibulale ngaphandle kwesizathu.—IzAga 12:10.

UKUPHILA KUNGCWELE

10. Sazi kanjani ukuthi igazi limelela ukuphila?

10 Igazi lingcwele kuJehova ngoba limelela ukuphila. Ngemva kokuba uKhayini ebulale u-Abela, uJehova wathi kuye: “Igazi lomfowenu liyakhala kimi lisemhlabathini.” (Genesise 4:10) Igazi lika-Abela lalimelela ukuphila kwakhe futhi uJehova wamqalekisa uKhayini ngenxa yokubulala umfowabo. Ngemva kukaZamcolo uJehova waphinde wabonisa ukuthi igazi limelela ukuphila. Wanika uNowa nomndeni wakhe imvume yokudla inyama. Wathi: “Zonke izilwane ezihambayo eziphilayo zingaba ukudla kini. Njengezimila eziluhlaza, ngininika zona zonke.”  Kodwa kunento eyodwa uJehova athi bangayidli: “Kuphela inyama enomphefumulo [ukuphila] wayo—igazi layo—akumelwe niyidle.” (Genesise 1:29; 9:3, 4) UJehova akabavumelanga ukuba badle inyama engakhishwanga igazi ngoba igazi limelela ukuphila.

11. Yimuphi umyalo ophathelene negazi uJehova awunika u-Israyeli?

11 Ngemva kweminyaka engaba ngu-800 uJehova etshele uNowa ukuba angalidli igazi, waphinde wayala abantu bakhe: “Ngokuqondene nanoma yimuphi umuntu wabantwana bakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwenu ozingela abambe isilwane sasendle esidliwayo noma inyoni edliwayo, kumelwe athulule igazi lako alimboze ngothuli.” Wabe esethi: “Akumelwe nidle igazi.” (Levitikusi 17:13, 14) UJehova wayesafuna abantu bakhe bazi ukuthi igazi lingcwele. Babengayidla inyama, kodwa hhayi igazi. Lapho bebulala isilwane ukuze basidle, kwakumelwe igazi laso balichithe enhlabathini.

12. AmaKristu alibheka kanjani igazi?

12 Ngemva kweminyaka ethile uJesu afa, abaphostoli nabadala bebandla lobuKristu eJerusalema bahlangana ukuze banqume ukuthi iziphi izingxenye zoMthetho owawunikwe ama-Israyeli ezazisasebenza nasebandleni lobuKristu. (Funda izEnzo 15:28, 29; 21:25.) UJehova wabasiza bakwazi ukuqonda ukuthi igazi laliseyigugu kuye futhi kwakumelwe libe ngcwele kubo. AmaKristu okuqala kwakungamelwe adle igazi noma aliphuze, noma adle inyama engophiswanga kahle. Ngoba ukwenza kanjalo kwakufana nokukhonza izithombe nokufeba. Kusukela ngaleso sikhathi, amaKristu athembekile ebelokhu enqaba ukudla noma ukuphuza igazi. Kuthiwani ngesikhathi sethu? Namanje uJehova usafuna silibheke ngendlela efanayo igazi.

13. Kungani amaKristu enqaba ukwelashwa ngokufakwa igazi?

 13 Ingabe lokho kusho ukuthi amaKristu kumelwe enqabe ukufakwa igazi lapho elashwa? Yebo. UJehova wasiyala ukuba singalidli noma siliphuze igazi. Uma udokotela ethi ungabuphuzi utshwala, ubungabufaka yini ngomjovo emzimbeni wakho? Ubungeke. Ngendlela efanayo, umyalo othi singalidli noma siliphuze igazi usho ukuthi ngeke sivume ukwelashwa ngokufakwa igazi emzimbeni yethu.—Bheka uMbhalo Osekugcineni 29.

14, 15. Nakuba amaKristu ekuhlonipha ukuphila, kungani engeke awuphule umthetho kaNkulunkulu ukuze asindise ukuphila kwawo?

14 Kuthiwani uma udokotela ethi sizofa uma singalifaki igazi? Umuntu ngamunye kufanele azinqumele ukuthi uzowulalela yini umthetho kaNkulunkulu endabeni yegazi. AmaKristu ayasihlonipha isipho asiphiwe uNkulunkulu esiwukuphila. Azimisele ukuzama ezinye izindlela zokwelashwa ukuze asindise ukuphila kwawo, kodwa ngeke alifake igazi.

15 Siyazama ukuzigcina sinempilo ngoba asifuni ukufa. Nokho, ngenxa yokuthi igazi limelela ukuphila futhi ukuphila kuyigugu kuNkulunkulu, ngeke silifake emzimbeni yethu. Kubaluleke kakhulu ukulalela uJehova kunokuzama ukusindisa ukuphila kwethu ngokuphula imithetho yakhe. UJesu wathi: “Noma ubani ofuna ukusindisa umphefumulo wakhe uyolahlekelwa yiwo; kodwa noma ubani olahlekelwa ngumphefumulo wakhe ngenxa yami uyowuthola.” (Mathewu 16:25) Sifuna ukulalela uJehova ngoba siyamthanda. UJehova usazi kangcono, ngakho sibheka ukuphila ngendlela akubheka ngayo, kuyisipho esiyigugu futhi kungcwele.—Hebheru 11:6.

16. Kungani izikhonzi zikaNkulunkulu zimlalela?

16 Izikhonzi zikaNkulunkulu ezithembekile zizimisele ukulalela umthetho wakhe mayelana negazi. Ngeke zidle  noma ziphuze igazi futhi ngeke zivume ukwelashwa ngalo. * Nokho, ziyavuma ukwelashwa ngezinye izindlela ukuze zisindise ukuphila kwazo. Ziyazi ukuthi uMdali uyakwazi okusifanele ngoba nguye owasinika ukuphila negazi. Uyakukholelwa yini wena lokho?

OKUWUKUPHELA KWENDLELA YOKUSEBENZISA IGAZI UJEHOVA AYEYIVUMELA

17. Iyiphi indlela uJehova ayevumela ama-Israyeli ukuba alisebenzise ngayo igazi?

17 EMthethweni uJehova awunika uMose watshela ama-Israyeli: “Umphefumulo [ukuphila] wenyama usegazini, futhi mina ngiwubekele nina phezu kwe-altare ukuze nenzele imiphefumulo yenu isihlawulelo [nicele ukuthethelelwa], ngoba yigazi elenza isihlawulelo.” (Levitikusi 17:11) Lapho ama-Israyeli onile ayengacela uJehova awathethelele ngokunikela ngesilwane bese umpristi efafaza elinye legazi laso e-altare elisethempelini. Yileyo ndlela kuphela uJehova ayevumela ama-Israyeli ukuba alisebenzise ngayo igazi.

18. Umnikelo kaJesu usivulela liphi ithuba?

18 Lapho uJesu esemhlabeni wanikela ngokuphila kwakhe ukuze kungaphinde kudingeke ukuba sinikele ngezilwane ukuze sithethelelwe izono. (Mathewu 20:28; Hebheru 10:1) Igazi likaJesu lalibaluleke kakhulu, yingakho abantu baba nethuba lokuphila phakade ngemva kokuba uJehova emvusile.—Johane 3:16; Hebheru 9:11, 12; 1 Petru 1:18, 19.

Ungabonisa kanjani ukuthi uyakuhlonipha ukuphila kanye negazi?

19. Yini okumelwe siyenze ukuze sibe ‘msulwa egazini labo bonke abantu’?

19 Ave simbonga uJehova ngokuthi wasipha isipho  esihle kangaka, esiwukuphila. Sifuna ukutshela nabanye ukuthi uma beba nokholo kuJesu, bangaphila phakade. Siyabathanda abantu futhi sizokwenza konke okusemandleni ukuze sibafundise indlela yokuthola ukuphila. (Hezekeli 3:17-21) Uma senza kanjalo, siyokwazi ukusho njengomphostoli uPawulu owathi: “Ngimsulwa egazini labo bonke abantu, ngoba angigodlanga ukunitshela yonke injongo kaNkulunkulu.” (IzEnzo 20:26, 27) Ngokutshela abanye ngoJehova nokuthi ukuphila kuyigugu kangakanani kuye, sisuke sibonisa ukuthi siyakuhlonipha kakhulu ukuphila kanye negazi.

^ isig. 16 Ukuze ufunde okwengeziwe mayelana nokwelashwa ngokufakwa igazi bheka amakhasi 77-79 encwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu” enyatheliswa oFakazi BakaJehova.