Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?
Ubungathi . . .
yebo?
cha?
mhlawumbe?
OKUSHIWO IBHAYIBHELI
“UNkulunkulu . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ngeke kusaba khona ukufa, ukuhlupheka, ukukhala noma ubuhlungu.”—IsAmbulo 21:3, 4, Contemporary English Version.
LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE
Kuyisiqinisekiso sokuthi izinkinga zethu azibangelwa uNkulunkulu.—Jakobe 1:13.
Kusinika induduzo ukwazi ukuthi uNkulunkulu uzwelana nathi lapho sihlupheka.—Zakariya 2:8.
Kusinika ithemba lokuthi konke ukuhlupheka kuzophela.—IHubo 37:9-11.
SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?
Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezimbili:
UNkulunkulu uyakuzonda ukuhlupheka nokungabi nabulungisa. Cabanga ngendlela uJehova uNkulunkulu ayezizwa ngayo lapho abantu bakhe ngezikhathi zeBhayibheli behlukunyezwa. IBhayibheli lithi wayephatheka kabi ngenxa ‘yalabo ababebahlukumeza.’—AbaHluleli 2:18, INguqulo Yezwe Elisha.
UNkulunkulu uyabazonda abantu abalimaza abanye. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uyazenyanya ‘izandla ezichitha igazi elingenacala.’—IzAga 6:16, 17.
UNkulunkulu ukhathalela umuntu ngamunye kithi. Akukhona kuphela ukuthi umuntu ngamunye uyayazi “inhlupho yakhe nobuhlungu bakhe” kodwa noJehova uyakwazi!—2 IziKronike 6:29, 30.
UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze aqede ukuhlupheka komuntu ngamunye. (Mathewu 6:9, 10) Okwamanje, uyabaduduza labo abamfuna ngobuqotho ngoba uyabathanda.—IzEnzo 17:27; 2 Korinte 1:3, 4.
CABANGA NGALOKHU
Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?
IBhayibheli liphendula lo mbuzo kweyabaseROMA 5:12 nakweyesi-2 PETRU 3:9.