Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 ISIFUNDO 16

Uyini Umsebenzi Wezinceku Ezikhonzayo?

Uyini Umsebenzi Wezinceku Ezikhonzayo?

EMyanmar

Ibeka inkulumo

Iqembu lilungela insimu

Kuhlanzwa iHholo LoMbuso

IBhayibheli likhuluma ngamaqembu amabili amadoda angamaKristu anakekela imithwalo yebandla—“ababonisi nezinceku ezikhonzayo.” (Filipi 1:1) Ngokuvamile, baba baningana abazalwane abanjalo abakhonza ebandleni ngalinye. Yimiphi imisebenzi yokusikhonza eyenziwa izinceku ezikhonzayo?

Zisiza indikimba yabadala. Izinceku ezikhonzayo ziphapheme ngokomoya, zinokwethenjelwa, futhi ziyazikhandla, ezinye zisencane ezinye sezikhulile. Zenza imisebenzi ebalulekile okumelwe yenziwe njalo ebandleni. Lokho kunika abadala ithuba lokuba bagxile ekufundiseni nasekwaluseni ibandla.

Zifeza izinkonzo eziwusizo. Ezinye izinceku ezikhonzayo ziba abalindi abamukela bonke abafika emihlanganweni. Ezinye zinakekela imibhobho, omagazini, izincwadi, izimali, futhi zinike amalungu ebandla insimu azoyisebenza. Zisiza nasekunakekeleni iHholo LoMbuso. Abadala bangazicela ukuba zisize asebekhulile. Izinceku ezikhonzayo zihlale zikulungele ukwenza noma yisiphi isabelo futhi ibandla liyazihlonipha ngenxa yalokho.—1 Thimothewu 3:13.

Zibeka isibonelo esihle njengamadoda angamaKristu. Izinceku ezikhonzayo zikhethwa ngenxa yezimfanelo zazo ezinhle zobuKristu. Lapho zibeka izinkulumo emihlanganweni, ziqinisa ukholo lwethu. Ngokuhola emsebenzini wokushumayela, zisenza sishiseke. Ngenxa yokubambisana kwazo nabadala, zandisa injabulo nobunye. (Efesu 4:16) Ngokuhamba kwesikhathi nazo zingase zifanelekele ukukhonza njengabadala.

  • Zingamadoda anjani izinceku ezikhonzayo?

  • Izinceku zilisiza kanjani ibandla ukuba lisebenze kahle?