Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIFUNDO 11

Kungani Siya Emihlanganweni Emikhulu?

Kungani Siya Emihlanganweni Emikhulu?

EMexico

EJalimane

EBotswana

ENicaragua

E-Italy

Kungani laba bantu bejabule kangaka? Beze komunye wemihlangano yethu emikhulu. Njengezinceku zikaNkulunkulu zangaphambili, ezaziyalwe ukuba zibuthane kathathu ngonyaka, sibheka phambili ekubuthaneni ndawonye sibe baningi. (Duteronomi 16:16) Njalo ngonyaka siba nemihlangano emithathu: umhlangano wosuku olukhethekile, umhlangano wesifunda wezinsuku ezimbili nomhlangano wesigodi wezinsuku ezintathu. Sizuza kanjani kule mibuthano?

Iqinisa ubuzalwane bethu bobuKristu. Njengoba kwakuwathokozisa ama-Israyeli ukudumisa uJehova “phakathi kwezihlwele ezibuthene,” nathi siyakuthokozela ukumkhulekela ndawonye emibuthanweni ekhethekile. (IHubo 26:12; 111:1) Le mibuthano isinika ithuba lokubonana futhi sixoxe noFakazi bakwamanye amabandla noma kwamanye amazwe. Ngekhefu, sidla ndawonye emagcekeni omhlangano, okwenezela emoyeni wobungane kule mibuthano engokomoya. (IzEnzo 2:42) Kuyo, silubona ngokoqobo uthando oluhlanganisa “bonke abazalwane” emhlabeni.1 Petru 2:17.

Iyasisiza sithuthuke ngokomoya. Ama-Israyeli ayezuza ‘ngokuqonda amazwi’ emiBhalo ayechazelwa wona. (Nehemiya 8:8, 12) Nathi siyibheka njengebalulekile imfundo yeBhayibheli esiyithola emihlanganweni yethu emikhulu. Isimiso somhlangano ngamunye sisekelwa eBhayibhelini. Ngezinkulumo ezimnandi, uchungechunge nemiboniso, sifunda ukwenza intando kaNkulunkulu. Siyakhuthazeka lapho sizwa okuhlangenwe nakho kwabantu abanqoba ubunzima nezinselele zokuba amaKristu kulezi zikhathi ezinzima. Emihlanganweni yesigodi, amadrama agqokelwe izingubo zasendulo enza uku-landisa kweBhayibheli kube ngokoqobo futhi asifundisa izifundo eziwusizo. Kuyo yonke imihlangano, labo abafuna ukubonakalisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu bayabhapathizwa.

  • Kungani imihlangano iyimibuthano ejabulisayo?

  • Ungazuza kanjani ngokuya emhlanganweni omkhulu?