Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

ISiteshi Sokusakaza Se-JW ‘Sisinika Amandla Futhi Siyasivuselela!’

ISiteshi Sokusakaza Se-JW ‘Sisinika Amandla Futhi Siyasivuselela!’

KUSUKELA saqala ngo-2014, isiteshi sethelevishini esikuyi-Internet esibizwa ngokuthi iSiteshi Sokusakaza Se-JW, besilokhu sibakhuthaza futhi sibaqabula ababukeli baso abaningi emhlabeni wonke. Lesi siteshi sesitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-90. Ngokwesibonelo, abamemezeli abangaphezu kuka-130 000 baseBenin, eCôte d’Ivoire, eGhana naseTogo bayajabula ngokuthi izinhlelo sezihunyushelwa olimini lwesi-Ewe, isiGa nesiTwi (njengoba kubonisiwe esithombeni). *

U-Agatha, inkosikazi yombonisi wesifunda waseGhana, uthi: “Lapho ngilalele amalungu eNdikimba Ebusayo kanye nabasizi bayo, kuba sengathi uJehova ukhuluma nami  ngisendlini yami. Njengoba ngiyintombazane engelutho ehlala endaweni enganakekile, bengingalithola kanjani ilungelo elinje ngaphandle kwalesi siteshi? Lisisize sasondelana kakhulu nabafowethu nodadewethu esibathandayo emhlabeni wonke.”

Umbiko ovela eZambia uthi: “Nakuba bengacebile, abamemezeli emabandleni amaningi bayazikhandla ukuze bazuze eSiteshini Sokusakaza Se-JW. Ngokwesibonelo, ibandla laseMisako liqhele ngamakhilomitha angaba ngu-32 edolobheni futhi lisendaweni okulinywa kuyo enemihosha egcwalayo ngenkathi yemvula.” USimon, inceku ekhonzayo eyeza kuleli bandla izosiza, uyachaza: “Njalo ngenyanga kuba nomuntu wasebandleni ohamba amahora amabili ukuze afike emgwaqweni omkhulu bese egibela izinto zokuthutha umphakathi eziya edolobheni lapho engadawuniloda khona izinhlelo zalesi siteshi. Kunendoda eneminyaka engu-70 namadodana ayo amabili ababengakaze baye emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, kwayimangaza le ndoda ukuzwa ukuthi kuzobe kunama-video emihlanganweni kule ndawo yakubo esemaphandleni. Lo mkhulu wathi, ‘Yile ndlela okufanele sifunde ngayo ngoNkulunkulu.’”

Incwadi yokubonga evela eRussia ithi: “Sekuphele unyaka sibuka iSiteshi Sokusakaza Se-JW futhi siyajabula ngokuthola leli thuba. Ngemva kokubuka uhlelo lokuqala nje sazizwa sinobunye nabazalwane bethu emhlabeni wonke! Kwakumnandi! Sizizwa siwumndeni omkhulu! Sijabula kakhulu lapho sibona abazalwane esibathandayo beNdikimba Ebusayo. Bazama ngempela ukusifundisa futhi sonke siyakwazi ukubabona. Sihlale silangazelela ukubuka uhlelo olulandelayo. Sesiziqhenya nakakhulu ngokubizwa ngoFakazi BakaJehova. Sinibonga kakhulu bafowethu  abathandekayo! Sibonga uJehova noKristu ngayo yonke imisebenzi yabo emangalisayo. Isinika amandla futhi iyasivuselela!”

UHorst noHelga abashadikazi asebekhulile ababuthaka, baseJalimane, babhala lokhu: “ISiteshi Sokusakaza Se-JW sihle kakhulu. Izinto ezikulesi siteshi, ikakhulu lezo ezishiwo abafowethu nodadewethu abakhubazekile ziyasiqinisa. Isibonelo sabo sisikhuthaza ukuba senze konke esingakwenza nakuba sigula. Ukubona umfowethu okhubazeke isingezansi sonke ekhonza njengomdala kusifundise ukuthi kukhona okuthile okuyigugu sonke esingakunika uJehova. Lapho sibona abafowethu nodadewethu abayizibonelo ezinjalo kufanele sibonge uJehova futhi simnxuse ukuba ababusise ngokucebile.”

UKodi, waseNgilandi, uthi: “Ngiyabonga ngokusebenzisa kwenu isikhathi nokuzikhandla nenza i-jw.org, iSiteshi Sokusakaza Se-JW, nama-video kaKhwezi noSmangele. Ngiyabonga ngokwenza kube lula ukuqonda iBhayibheli. Ngabhapathizwa ngineminyaka engu-8. Uma sengimdala, ngizovolontiya ekwakheni amaHholo OMbuso! Ngingathanda nokusebenza eBethel. Ngineminyaka engu-9 manje, ngakho sekuseduze phambili.”

U-Arabella waseNgilandi, oneminyaka engu-8, wabhala lokhu: “Ngiyabonga ngama-video nangezinto esingazisebenzisa uma sitadisha. Kungisiza ukuba ngazi uJehova kangcono. Ikhasi lezinto esingazisebenzisa uma sitadisha eliku-jw.org likwenza kube mnandi ukufunda ngoJehova. Ninekhono lokwenza amaculo angakhunjulwa yiwo wonke umuntu. Ama-video kaKhwezi noSmangele nawo ayangisiza. Ngibonga kakhulu ngawo wonke umsebenzi onzima eniwenzayo.”

^ isig. 3 ISiteshi Sokusakaza Se-JW singatholakala ngokungena engosini ethi tv.jw.org/zu.