NJENGOBA kugadla izinhlekelele zilandelana ezweni likaSathane, izikhonzi zikaJehova ziyaqhubeka ‘zinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Kor. 15:58) Umbiko olandelayo ubonisa indlela oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke abakulwela ngayo “ukuthembela kuJehova benze okuhle . . . , benze ngokwethembeka.”—IHu. 37:3.

Ukuthutha Kwendlunkulu Yomhlaba Wonke Nehhovisi Legatsha

Ukunwetshwa kwezakhiwo eWallkill, eNew York, kwaqedwa ngo-February 1, 2016, kwenza ukuba iKomiti Yegatsha yase-United States, uMnyango Wenkonzo neminye iminyango yasegatsheni lase-United States kuthuthele khona. Njengoba umsebenzi owawenziwa endlunkulu yomhlaba wonke entsha eWarwick usuzophela, izikhonzi ezihlala eBethel yaseBrooklyn seziqale umsebenzi omkhulu wokuthutha eNew York City ziya eWarwick.

NgoMsombuluko, April 3, 2017, indlunkulu yomhlaba wonke eWarwick izobe ikulungele ukwamukela  izivakashi, kuzobe kunemibukiso emithathu umuntu angazibukela yona kube nanethuba lokubukiswa indawo ngumuntu owamukela izivakashi.

  1. “IBhayibheli Negama LikaNkulunkulu.” Lo mbukiso unamaBhayibheli angasatholakali kalula futhi uqokomisa iqiniso lokuthi igama likaNkulunkulu kufanele libe semiBhalweni.

  2. “Abantu Begama LikaJehova.” Lo mbukiso unezithombe nezinto ezinomlando wefa elingokomoya loFakazi BakaJehova, obonisa indlela uJehova abelokhu eqondisa, efundisa futhi ehlela ngayo abantu bakhe ukuba benze intando yakhe.

  3. “INdlunkulu Yomhlaba Wonke—Izenzo Ezibonisa Ukholo.” Lo mbukiso uchaza lokho okwenziwa amaKomiti eNdikimba Ebusayo ukuze asize abantu bakaJehova bahlangane ndawonye, benze abafundi, bafunde ngokomoya futhi babonisane uthando.

Abantu bangakwazi ukuzibukela indawo ngoMsombuluko kuze kube uLwesihlanu, kusukela ekuseni ngo-8:00 kuze kube ntambama ngo-4:00. Izivakashi ziyokwazi nokubuka izingxenye ezithile zeSakhiwo esinamahhovisi futhi okwenzelwa kuso imisebenzi ehlukahlukene negceke laseBethel isikhathi esingaba yimizuzu engu-20, zisizwa othile. Lokhu kuzoba ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kusukela ngo-8:00 kuze kube ngu-11:00 ekuseni nango-1:00 ntambama kuze kube ngu-4:00 ntambama.

Ngaphambi kokuhlela ukuba uyovakasha, sicela ungene engosini ethi jw.org/zu bese ubheka ngaphansi kwesithi MAYELANA NATHI > AMAHHOVISI NOKUBUKA INDAWO > E-United States.