Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 IGEORGIA

Ngangifuna Ukushintsha Ukuphila Kwami

UDavit Samkharadze

Ngangifuna Ukushintsha Ukuphila Kwami
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1967

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1989

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wakhonza njengombonisi wesigodi. Kusukela ngo-2013, ubelokhu efundisa ezikoleni zeBhayibheli.

NGO-1985, ngineminyaka engu-18, iziphathimandla zeSoviet zangibuthela empini. Ukungabi nabulungisa nokucindezelwa empini kwakungikhathaza kakhulu kangangokuthi ngacabanga: ‘Angifuni ukufana nabo. Ngifuna ukwehluka.’ Nokho, ngabona ukuthi ngangingeke ngenze izinto ngendlela engangifisa ngayo ngaso sonke isikhathi. Ngangifuna ukushintsha ukuphila kwami.

Ngemva kokuphothula inkonzo yami yezempi, ngabuyela ekhaya. Ngobunye ubusuku, ngibuya emcimbini, ngathandaza kuNkulunkulu, ngimcela ukuba angisize ngibe umuntu ongcono. Ngosuku olulandelayo ngiya emsebenzini, ngavakashela u-anti, owayengomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ngingena kwakhe, ngazithola ngimi phambi kweqenjana loFakazi BakaJehova elaliqhuba umhlangano. Langamukela ngemfudumalo ngakho nganquma ukuhlala ngilalele.

Ngavuma ukufundelwa iBhayibheli futhi ngemva kwezinyanga eziyisithupha, ngabhapathizwa. UJehova wangisiza ngaba umuntu ongcono, into engangingeke ngizenzele yona.