Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017

 IGEORGIA

Kwakungavumi Ayeke Ukufunda Umyeni Wami!

UMarina Kopaliani

Kwakungavumi Ayeke Ukufunda Umyeni Wami!
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1957

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1990

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE UMarina nomyeni wakhe, uBadri, baba ngabamemezeli abangakhathali kuyilapho bekhulisa amadodana amabili. Kamuva, uBadri wakhonza eKomitini Yezwe futhi wahlala eqotho kwaze kwaba yilapho eshona ngo-2010.

NGO-1989, sinomyeni wami sahlangana noFakazi kwamakhelwane. UMfoweth’ uGivi Barnadze, owayetadisha iBhayibheli nomakhelwane, wayengenalo iBhayibheli lesiGeorgia ngoba kwakunzima ukulithola ngaleziya zikhathi.

Sakuthanda esakuzwa futhi saba nesifiso sokuthola elethu iBhayibheli. Lapho umyeni wami ebonana nomfowabo wegazi, wamtshela ukuthi wayefuna iBhayibheli. Wamangala lapho umfowabo ethi wayesanda kuthenga inguqulo entsha yeBhayibheli lesiGeorgia futhi angakujabulela ukumnika lona njengesipho.

Lapho uBadri ebuyela ekhaya, wahlala phansi wafunda iBhayibheli kwaze kwahlwa. Ngosuku olulandelayo, wavuka waqhubeka nokulifunda. Lapho ngibuya ekhaya ngivela emsebenzini,  ngamthola ehleli esafunda lona iBhayibheli. Kwakungavumi ayeke ukufunda! Ngakho, ngasikisela ukuthi ake athi ukuma kancane emsebenzini ukuze aqede ukulifunda. Kungakabiphi wayeselifunde lonke iBhayibheli.

Lapho kamuva siqala ukutadisha incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade noMfoweth’ uBarnadze, sasijabule kakhulu ngoba sasineBhayibheli lethu. Kwakukuhle ngoba sasingenayo incwadi ethi Iqiniso kanti nowayesifundela wayengenalo iBhayibheli! Ngemva konyaka, mina noBadri sabhapathizwa.