Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

ISierra Leone NeGuinea

ISierra Leone NeGuinea

EMINYAKENI engaba ngu-500 edlule, eduze kwesizalo soMfula iSierra Leone, kwahluma isihlahla esincane esikhiqiza ukotini. Njengoba lesi sihlahla sasikhula kwaze kwaphela iminyaka engu-300, udwendwe lwabantu olubanga usizi lwalulokhu ludlula phambi kwaso. Abathengisi bezigqila abanonya babefaka amadoda, omama nezingane abangaba ngu-150 000 emkhunjini babayise phesheya kwezilwandle ezimakethe zezigqila.

Isihlahla i-cotton tree saseFreetown

 Ngo-March 11, 1792, izigqila zaseMelika ezikhululiwe ezingamakhulu ngamakhulu zahlangana ngaphansi kwalesi sihlahla esibizwa ngokuthi iCotton Tree zizogubha ukubuyela kwazo ezweni lase-Afrika. Ngalolo suku zathola indawo eyaba uphawu lwethemba lazo elikhulu—idolobha iFreetown. Izigqila ezazikhululiwe zaqhubeka zibuya kwaze kwaba yilapho le ndawo isinezizwe zabantu base-Afrika ezingaphezu kwekhulu. Lezi zakhamuzi ezintsha zamukela iCotton Tree njengophawu lwenkululeko nethemba.

Sekuphele iminyaka ecishe ibe yikhulu oFakazi BakaJehova eSierra Leone beduduza omakhelwane babo ngethemba lenkululeko emangalisa kakhulu kunabayithola— ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:21) Le nkululeko iyosho ukukhululwa ebugqilini besono nokufa lapho uMbuso kaNkulunkulu osezandleni zikaMesiya uletha ukuthula nePharadesi emhlabeni.Isaya 9:6, 7; 11:6-9.

Eminyakeni engu-50 edlule, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSierra Leone liye laqondisa umsebenzi wokushumayela naseGuinea. Leli zwe elingumakhelwane liye laba nezinxushunxushu zezombusazwe, ezenhlalo nezomnotho, okuye kwenza izakhamuzi eziningi zamukela umyalezo weBhayibheli okhuthazayo.

OFakazi BakaJehova eSierra Leone naseGuinea bamemezele izindaba ezinhle naphezu kwezingqinamba eziningi. Zihlanganisa ukuhlukumezeka emzimbeni, ukudla imbuya ngothi, ukungakwazi ukufunda, amasiko agxilile, ukuhlukana ngokobuzwe nobudlova obunyantisa igazi. Lokhu esizokufunda kuzonikeza ubufakazi bokholo nokuzinikela okungenakunyakaziswa kwalezi zinceku zikaJehova eziqotho. Siyethemba ukuthi indaba yabo iyokuthinta inhliziyo futhi iqinise ukholo lwakho ‘kuNkulunkulu onika ithemba.’Roma 15:13.

KULE NGXENYE

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeSierra Leone NeGuinea

Funda okwengeziwe ngala mazwe, abantu bakhona, inkolo nolimi.

Kusukela Ngo-1915 Kuya Ku-1947 Izinsuku Zokuqala(Ingxenye 1)

Ngo-1915 kwafika inceku kaJehova yokuqala ebhapathiziwe eFreetown. Abaningi babenesithakazelo eBhayibhelini.

Kusukela Ngo-1915 Kuya Ngo-1947 Izinsuku Zokuqala (Ingxenye 2)

Abefundisi babenze icebo lokuthulisa abantu bakaNkulunkulu, kodwa uJehova ‘wayebuyisele kubo ukulimaza kwabo.’

Kusukela Ngo-1915 Kuya Ku-1947 Izinsuku Zokuqala (Ingxenye 3)

Ibandla laseFreetown laba ‘matasa kakhulu ngezwi.’

“Uzokufa Ungakapheli Unyaka”

Kabili ngesonto uZachaeus Martyn wayehamba amakhilomitha angu-8, ekhuphuka abuye ehle entabeni eya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Yini eyamqinisekisa ukuthi uthole iqiniso leBhayibheli?

Babembiza Ngokuthi “Bible” Brown

UWilliam R. Brown washumayela kuyo yonke iCaribbean Islands naseNtshonalanga Afrika. Funda ukuthi kungathi ayenomuzwa wokuthi unelungelo eliphakeme kunawo wonke umuntu angaba nawo.

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye 1)

Umsebenzi wokushumayela wawuzokwanda kakhulu. Izithunywa zevangeli zathunyelwa ukuyosheshisa ukwanda.

Babefuna Ukuyibukela

Ngo-1956 kwabukiswa ifilimu ethi ‘The New World Society in Action’ eFreetown, eSierra Leone. Ingabe babezofika abantu bazoyibukela?

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye  2)

OFakazi BakaJehova baziwa kulo lonke elaseSierra Leone ngokuthi bangabantu abawuhloniphayo umshado.

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha abaningi ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye 3)

Kungani abezombusazwe be-Poro bethula isiphakamiso ePhalamende sokuba kuvalwe umsebenzi woFakazi BakaJehova?

Izinhlangano Eziyimfihlo

Izinhlangano eziyimfihlo ezigcwele eNtshonalanga Afrika zinaliphi ithonya ekuphileni kwamadoda nomame?

Kusukela Ngo-1945 Kuya Ku-1990 ‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’—Dan.12:3. (Ingxenye  4)

Ukuze amabandla asize abantu bathuthuke ngokomoya, aqhuba amakilasi okufundisa ukufunda nokubhala. Njengoba abantu abengeziwe babefunda ukufunda, sakhula isidingo sokuhunyushwa kwezincwadi.

Babezodlula Ngokuveza Ibheji

Izihambeli zomhlangano ezingenamaphepha afanele okuhamba, noma i-passport, zawuwela kanjani umngcele zangena eGuinea ziya emhlanganweni?

UJehova Wangifukula

UJay Campbell, owayenovendle, wayefuna ukuya esifundweni seBhayibheli sebandla. Wathi uzoya khona ehamba ngamapulangwe ayezenzele wona. Waphumelela?

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-2001 ‘Isithando Sokuncibilikisa Sokuhlupheka’—Isaya 48:10 (Ingxenye 1)

Naphezu kwempi, oFakazi nabanye abantu banikezwa usizo lwezinto ezibonakalayo nenduduzo engokomoya. Yini eyabasiza babonisa ukuqina nesibindi?

Kusukela Ngo-1991 Kuya Ku-2001 ‘Isithando Sokuncibilikisa Sokuhlupheka’—Isaya 48:10 (Ingxenye  2)

Njengoba impi iqhubeka, oFakazi BakaJehova “baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.”

Ngangiyingane Eyisosha Manje Ngiyiphayona Elivamile

Isosha elincane eliyivukela-mbuso likhumbula imfudumalo elamukelwa ngayo lapho liya emhlanganweni woFakazi BakaJehova. Lashukunyiswa yini ukuba lishintshe?

Saphunyuka Emasosheni Angamavukela-mbuso

Naphezu kokubulawa kwabantu nezinxushunxushu ePendembu, kungani oFakazi abaningi basinda lapho kugqashuka impi ngo-1991?

Indoda YeNqabayokulinda

Omunye woFakazi BakaJehova wasebenza njengesithunywa ngesikhathi sempi yombango. Wayelihambisa kanjani iposi nezinye izinto eConakry, eGuinea, ezisusa eFreetown?

Okungcono Kunamadayimane

UTamba Josiah wayesebenza ezimayini zedayimane engakabi uFakazi KaJehova. Kungani enomuzwa wokuthi wathola okuyigugu kunamadayimane?

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 1)

Ngemva kwempi yombango, kwamiswa amabandla, kwakhiwa amaHholo OMbuso, kwathunyelwa amaphayona akhethekile ezindaweni ezazinoFakazi abambalwa.

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 2)

Namuhla oFakazi BakaJehova kuwo womabili la mazwe bayaqiniseka ukuthi basebaningi kakhulu abantu abazokwamukela izindaba ezinhle.

Sasizimisele Ukukhonza UJehova

UPhillip Tengbeh nomkakhe babaleka ngesikhathi amasosha angamavukela-mbuso ecekela phansi idolobha lakubo iKoindu. Bezimisele ukukhonza uJehova, bakha amaHholo OMbuso amahlanu.

Ngayithanda ISierra Leone

UCindy McIntire wayesekhonze njengesithunywa sevangeli e-Afrika kusukela ngo-1992. Ulandisa izizathu ezenza akuthande kangaka ukushumayela eSierra Leone.