Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu: “Hlalani nibakhumbula labo abasezibophweni zasetilongweni njengokungathi niboshwe kanye nabo.” (Heb. 13:3) Njengezinceku zikaJehova, sihlale sibakhumbula abafowethu nodadewethu abathembekile futhi sithandazele “bonke abasezikhundleni eziphakeme; ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu okuphelele nokungathathi izinto kalula.”1 Thim. 2:1, 2; Efe. 6:18.

Lo mbiko olandelayo umayelana namacala oFakazi BakaJehova abathweswa wona kulo nyaka odlule:

Abafowethu eRussia bayaqhubeka “ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle” naphezu komkhankaso oqhubekayo wokusiyekisa  umsebenzi wokushumayela owenziwa iSonto Lobu-Orthodox LaseRussia nezinye izikhulu zikahulumeni. (IzE. 5:42) Iziphathimandla zaseRussia ziyaphikelela nokusebenzisa kabi umthetho ongezwakali wokuthi siyeqisa, ekuqaleni owawusungulelwe ukulwa nobuphekula. Manje ususetshenziswa kabi ezincwadini zethu nakubafowethu. Ngenxa yalokhu, izinkantolo zaseRussia ziye zathi izincwadi zethu ezingaba ngu-70 zinezinkulumo ezeqisayo, futhi izikhulu zikahulumeni zizifake ohlwini lwezincwadi ezivaliwe. Ngenxa yalokho abakushoyo, ezinye iziphathimandla zalapha ziyafika zipequlule amaHholo OMbuso nemizi yabafowethu zifunana nezincwadi. Amaphoyisa abopha, athathe izithombe nama-fingerprint oFakazi abaningi abasuke beshumayela. Izikhathi eziningi azama ukwesabisa abafowethu ngenkathi esabaduvise esiteshini samaphoyisa.

 Ekuqaleni kuka-May 2013, abafowethu nodadewethu abangu-16 edolobheni laseTaganrog bathethiswa icala lokuhlela ukuba kube nemihlangano yobuKristu, ukuya kuyo, ukuba nengxenye kuyo nokushumayela. Kuyaqala ngqa ngemva kokuwa kweSoviet Union ukuba oFakazi bathweswe amacala ngenxa yokwenza izenzo zokholo. Kwezinye izindawo eRussia iziphathimandla zizama ukwenza izinkantolo ukuba zilahle izincwadi zethu ngecala lokweqisa futhi zibeke abafowethu icala lokuzonda ezinye izinkolo.

Izimo zabafowethu nodade e-Eritrea azikashintshi. Ngo-July 2013, babengu-52 abasejele, kuhlanganise nabafowethu abangu-8 abaneminyaka okungenani engu-70 kanye nodade abayisithupha. Abazalwane abathathu, uPaulos Eyassu, u-Isaac Mogos noNegede Teklemariam, bebelokhu besejele kusukela ngo-September 24, 1994, ngenxa yokungayi empini.

Bangaphezu kwesigamu ababoshelwe ejele laseMeiter, elisogwadule olusenyakatho yenhloko-dolobha i-Asmara. Kusukela ngo-October 2011 kuya ku-August 2012, iziphathimandla zajezisa abafowethu abangu-25 ngokubafaka esakhiweni sikathayela esingxenye yaso ingaphansi komhlaba. Ehlobo onogada badedela iziboshwa emini ukuze zibalekele ukushisa kukathayela. Noma kunjalo azikutholi ukudla namanzi anele, ngakho ziyagula. Ngokudabukisayo, uYohanne Hail, umzalwane oneminyaka engu-68, washona ngo-August 2012 ngenxa yalokhu kungaphathwa kahle, njengoba nje kwenzeka nakuMfoweth’ uMisghina Gebretinsae ngo-2011.