NgoLwesihlanu ngo-July 5, 2013, umkhaya waseBethel yase-United States wajabula lapho u-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo enza lesi saziso: “NgoLwesine ngo-July 4, 2013 kuvunyelwene ukuba kudayiswe izakhiwo eziyisithupha eziku-117 Adams Street neziku-90 Sands Street eBrooklyn. Ukudayiswa kwaZakhiwo ezinhlanu kusho ukuthi kufanele sibe sesiphumile phakathi no-August walo nyaka.”

Wachaza ukuthi iLondolo neDry Cleaning Department esesitezi sesithupha nesesikhombisa seSakhiwo 3 kuzoqhubeka kusebenza kuze kube phakathi no-2014.  Wachaza: “Isakhiwo esiku-90 Sands Street cishe siyophuma kuso ngonyaka ka-2017.”

Ukudayiswa kwezakhiwo ezinkulu eziyisithupha kungenxa yokuthi indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova izothutha eNew York City iye endaweni engamahektare angu-102 eWarwick, eNew York. Noma kunjalo, amalungiselelo nokumbiwa kwesiza kwakungeke kuqale kuze kube yilapho sekutholakele izimvume.

Ngakho umkhaya waseBethel yase-United States walalela umagange lapho uMark Sanderson efunda isimemezelo seNdikimba Ebusayo ngoLwesine ngo-July 18, esasithi: “Siyajabula ukumemezela ukuthi ngoLwesithathu kusihlwa, ngo-July 17, iWarwick Planning Board yawamukela amapulani okwakha indlunkulu yoFakazi BakaJehova. Lokhu yikona okwase kusele ukuze sithole izimvume zokuqala ukwakha. Kumelwe siphawule ukuthi le mvume esiyithole izolo kusihlwa, siyithole sekuphele iminyaka emine golokoqo sayivala indaba yokuthenga indawo yaseWarwick. Ngaphezu kwalokho, okwenzeke ezinsukwini ezimbalwa ezedlule okuholele ekutholeni le mvume kuwubufakazi obuqand’ ikhanda besibusiso sikaJehova.” UMfoweth’ uSanderson wababonga bonke ngokuzikhandla kwabo nangemithandazo yabo eqotho mayelana nalo msebenzi obalulekile. Wathi: “Ngaphezu kwakho konke, sidumisa futhi sibonge uJehova ngale ngqophamlando yokuthutha indlunkulu yomhlaba wonke iye eWarwick, eNew York.”

NgoLwesihlanu ngo-July 26, uMfoweth’ uMorris wahlangana nezisebenzi zokuzithandela zokwakha ezicela  enkulungwaneni ezazibuthene egumbini lokudlela elisha eliseTuxedo, eNew York, budebuduze naseWarwick. Ngemva kwenkulumo ekhuthazayo, wathi uzokwenza isimemezelo. Wathi: “Ngiphethe okuthile engisanda kukuthola engingathanda ukunibonisa kona. Phezulu kuleli fomu engiliphethe kubhalwe ukuthi ‘Imvume Yokwakha.’ ” Wathi nje angasho kanjalo, kwaduma ihlombe. UMfoweth’ uMorris wabajabulisa bonke lapho eqhubeka efunda ingxenye yokuqala yale mvume yokwakha eyayikhishwe idolobha laseWarwick emahoreni amathathu ngaphambili.

Kwenzekani EWallkill, EWarwick NaseTuxedo?

Kusukela kwaqala umsebenzi wokwandisa eWallkill ngo-August 2009, abafowethu nodade abangaba ngu-2 800 bebekhonza lapha njengezisebenzi zokuzithandela zesikhashana. Lo msebenzi uhlanganisa isakhiwo esisha sokuhlala, indawo yokupaka izimoto nesakhiwo samahhovisi. Esinye isakhiwo siyalungiswa, kushintshwa nezinto ezithile endaweni yokunyathelisa, elondolo, ehholo, ezakhiweni ezinjengamashabhu nasendaweni yokwamukela izivakashi. Lo msebenzi wokwandisa iWallkill ulindeleke ukuba uphothulwe ekupheleni kuka-2015.

Umsebenzi uqalile esizeni okuzokwakhiwa kuso indlunkulu yomhlaba wonke eWarwick. Kulezi zinyanga ezimbalwa uqalile, sekumbiwe kwafakwa namapayipi ahamba ngaphansi komhlaba. Umsebenzi wokwakha izakhiwo ezintathu zokuqala—iSakhiwo Esinakekela Izimoto, iNdawo Yokupaka Yezivakashi neShabhu—waqala ekupheleni kuka-2013. Lezi zakhiwo zibalulekile ekunakekelweni kwemishini yokusebenza nabantu abasebenzayo, kokubili njengoba kusakhiwa nalapho sekuqediwe.  Ngemva kwalezi, kuzolandela izakhiwo zokuhlala neSakhiwo SamaHhovisi Nesezinkonzo Ezithile, okuhlelwe ukuba ziqale ukwakhiwa ekuqaleni kuka-2014.

Indawo eseTuxedo engamahektare angu-20 eqhele ngamakhilomitha angaba yishumi enyakatho yeWarwick “kuzobe kuhlala kuyo izisebenzi ezizokwakha indlunkulu eWarwick,” kuchaza ilungu leKomiti Yalesi Sakhiwo uKenneth Chernish. “Kuzohlala ezinye zezisebenzi zokuzithandela, ziphekelwe khona, kugcinwe khona izimpahla nemishini yokwakha.” Ukuze kusheshiswe ukwakhiwa kwesakhiwo saseTuxedo, amaKomiti Okwakha Ezifunda athile empumalanga ye-United States aye asiza kulo msebenzi.

Izisebenzi eziningi ezisebenza namaKomiti Okwakha Ezifunda ezweni lonke bezibheke phambili ekusizeni kulo msebenzi wokwakha indlunkulu. Abafowethu nodade abanamakhono bayazinikela ukuze basize isikhashana kulezi zakhiwo. ULeslie Blondeau, osebenza kuyiPlumbing Department nomyeni wakhe uPeter, uthi: “Ukusebenza ndawonye kusenza sisondelane futhi kusenza sibe nezinkumbulo esingeke sizilibale.”

“Njengamanje ngisebenza neqembu elisebenza ngogesi lapha eTuxedo,” kusho uMallory Rushmore. “Kumnandi zonke izinsuku ngoba sibaningi—kukhona nezisebenzi zokuzithandela zesikhashana—sonke sibambisene.”

“Yilungelo elimangalisayo leli,” kusho uQuincy Dotson. “Bengicabanga ukuthi ngizokhandleka kakhulu lapha, kodwa empeleni ngilokhu ngizuza okuningi.”

“Kumnandi ukuba nesandla kulo msebenzi,” kusho uMfoweth’uChernish. “Abafowethu nodade bawenza ngokushesha umsebenzi futhi bawenza kahle, ngesikhathi esifanayo, bayawujabulela kakhulu.”