Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha

 UMBUZO 3

Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?

Ngingakhuluma Kanjani Nabazali Bami?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Uma uzwana nabazali bakho, ukuphila kwakho kuyoshelela.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalesi simo: ULwesithathu ebusuku. UBongani oneminyaka engu-17, uqedile ukwenza imisebenzi yakhe yasekhaya futhi manje uselungele ukuphumula kamnandi! Uvula ithelevishini ahlale esihlalweni sakhe asithandayo.

Ngawo lowo mzuzu, kungena uYise emnyango futhi ubukeka engeneme.

“Bongani! Kungani udlala ngesikhathi sakho ubukele ithelevishini esikhundleni sokusiza umfowenu ngomsebenzi wakhe wesikole? Uyazi awulaleli!”

“Kwasuka lokho,” uBongani esholo phansi kodwa ngendlela ezwakalayo.

UYise usondela kuye. “Uthini mfana?”

“Angisho lutho Baba,” uBongani uyaphendula ecikekile.

Manje uYise uthukuthel’ ugane unwabu. “Ungakhulumi kanjalo nami mfana!” esho ngokucasuka.

Yini obungayenza ukuze ugweme le ngxabano?

YIMA UCABANGE!

Ukukhulumisana nabazali bakho kufana nokushayela imoto. Uma uthola umgwaqo uvaliwe, cishe uyofuna enye indlela.

 NGOKWESIBONELO:

Enye intombazane ogama layo linguLindiwe ithi, “Ngikuthola kunzima ukukhuluma nobaba. Ngezinye izikhathi ngiye ngikhulume naye isikhathi eside bese ethi, ‘Uxolo, ukhuluma nami?’”

ZINTATHU IZINTO ULINDIWE ANGAZENZA.

  1. Angathethisa uyise.

    ULindiwe uyaklabalasa, “Awulaleli ngani, kubalulekile lokhu engikushoyo!”

  2. Angayeka ukukhulumisa uyise.

    ULindiwe uyayeka ukutshela uyise izinkinga zakhe.

  3. Angalinda kuze kube isikhathi esifanele bese ephinde ekhuluma ngale ndaba.

    Ngemva kwesikhathi esithile uLindiwe ukhuluma noyise noma umbhalela incwadi echaza inkinga yakhe.

Yini ongacebisa uLindiwe ukuba ayikhethe?

CABANGA NGALOKHU: Kunento ephazamisa ubaba kaLindiwe—yingakho engaboni ukuthi indodakazi yakhe iyahlukumezeka. Ngakho uma uLindiwe ekhetha indlela yokuqala, uyise ngeke aqonde ukuthi kungani eklabalasa. Cishe le ndlela ngeke yenze ubaba kaLindiwe alalele futhi iyobangela ukuba uLindiwe adelele uyise. (Efesu 6:2) Ngempela le ndlela ngeke izuzise muntu.

Ukuthi umgwaqo uvaliwe akusho ukuthi ayikho enye indlela yokufika lapho uya khona, ungayithola enye indlela yokukhulumisana nabazali bakho

Kungaba lula ukukhetha indlela yesibili, kodwa ayihlakaniphile. Kungani? Ngenxa yokuthi ukuze abhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zakhe, uLindiwe kudingeka akhulume noyise—uma uyise ezomsiza kudingeka azi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwakhe. Ukuthula nakho akuzuzisi.

Nokho, uma uLindiwe ekhetha ukusebenzisa indlela yesithathu wenqaba ukuvumela le nselele imenze ayeke ukukhuluma noyise. Uzama ukuxoxa ngale ndaba ngesinye isikhathi. Uma ekhetha ukubhalela uyise incwadi, angazizwa engcono ngaso leso sikhathi.

Ukubhala incwadi kungamsiza akhethe kahle amagama azowasebenzisa. Lapho ubaba kaLindiwe efunda incwadi, uzoqonda lokho indodakazi yakhe ebizama ukumtshela kona okungase kumsize aqonde izinkinga zayo. Ngakho indlela yesithathu ibazuzisa bobabili uLindiwe noyise. Kungakhathaliseki ukuthi bakhuluma umlomo nomlomo noma ngencwadi, le ndlela ilandela iseluleko seBhayibheli sokuphishekela “izinto ezibangela ukuthula.”—Roma 14:19.

Iziphi ezinye izindlela uLindiwe angazisebenzisa?

Ake uzame ukucabanga ezinye izindlela, bese uzibhala esikhaleni esingezansi. Ngemva kwalokho bhala imiphumela yalezo zindlela.

 GWEMA UKUDIDA ABAZALI BAKHO

Khumbula, lokho okushoyo nalokho abazali bakho abacabanga ukuthi ukushilo kungase kungafani.

NGOKWESIBONELO:

Abazali bakho bakubuza ukuthi kungani ubukeka ungeneme. Uphendula uthi, “Angithandi ukukhuluma ngako.”

Kodwa abazali bakho bezwa lokhu: “Anginethembi ngokwanele. Ngizokhuluma nabangane bami ngenkinga enginayo hhayi nina.”

Ake sithi ubhekene nenkinga enzima futhi abazali bakho bafuna ukukusiza. Kodwa uthi: “Ningakhathazeki. Ngizozilungisela yona.”

  • Abazali bakho bangase bezwe lokhu?

  • Impendulo engcono kungaba ukuthi?