Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISAHLUKO 22

Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga

Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga

AKE sithi intombazane ithi kumama wayo: “Yebo, ngizophuma esikoleni ngiqonde ngqo ekhaya.” Kodwa ibe isisala idlale nabangane bayo, kamuva ithi kumama wayo: “Uthisha uthe angisale ngemva kwesikole.” Kungafaneleka yini ukusho kanjalo?—

Woneni lo mfana?

Noma mhlawumbe umfana uthi kubaba wakhe: “Cha, angizange ngilidlale ibhola endlini.” Kodwa ake sithi ulidlalile ngempela. Uyobe wenza into embi yini uma ethi akazange alidlale?—

UMfundisi Omkhulu wasitshela into elungile okufanele siyenze. Wathi: ‘Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha; ngoba noma yikuphi okunye kuvela komubi.’ (Mathewu 5:37) Wayesho ukuthini uJesu ngalokho?— Wayesho ukuthi kufanele senze lokho esikushoyo.

Kunendaba eseBhayibhelini ebonisa ukuthi kubaluleke kangakanani ukukhuluma  iqiniso. Ikhuluma ngabantu ababili abathi bangabafundi bakaJesu. Ake sizwe ukuthi kwenzekani.

Zingakapheli izinyanga ezimbili uJesu efile, abantu abaningi abavela kude beza eJerusalema emkhosini obalulekile wamaJuda okuthiwa iPhentekoste. Umphostoli uPetru ubeka inkulumo enhle ekhuluma ngoJesu, lowo uJehova amvusa kwabafileyo. Abaningi balabo abeze eJerusalema bayaqala ukuzwa ngoJesu. Sebefuna ukwazi okwengeziwe. Benzani-ke?

Bahlala isikhathi eside kunabebecabanga ukuthi bazosihlala. Ngemva kwesikhashana, abanye babo abasenayo imali, futhi badinga usizo ukuze bakwazi ukuthenga ukudla. Abafundi eJerusalema bafuna ukuzisiza lezi zivakashi. Ngakho abaningi badayisa izinto zabo bese beyisa imali kubaphostoli bakaJesu. Abaphostoli bona bayayithatha bayinike labo abayidingayo le mali.

U-Ananiya nomkakhe, uSafira, abangamalungu ebandla lobuKristu eJerusalema, badayisa insimu yabo. Akukho muntu othi abayidayise. Yibona abanquma ukuyidayisa. Kodwa abayidayisi ngoba bethanda abafundi  abasha bakaJesu. Empeleni, u-Ananiya noSafira bafuna abantu bacabange ukuthi bangcono. Ngakho banquma ukuba bathi banikela ngayo yonke imali yensimu ukuze basize abanye. Bazonikela ngengxenye ethile kuphela kodwa bona bathi banikela ngayo yonke. Ucabangani ngalokho?—

U-Ananiya uza kubaphostoli. Abanike imali. Kodwa uNkulunkulu yena uyazi ukuthi akayikhiphi yonke. Ngakho, uNkulunkulu wenza umphostoli uPetru azi ukuthi u-Ananiya wenza isenzo sokungathembeki.

Uqamba amanga uthini u-Ananiya kuPetru?

UPetru ube esethi: ‘Ananiya, umvumeleleni uSathane akwenzise le nto? Insimu bekungeyakho. Ubungaphoqiwe ukuba uyidayise. Ngisho noma sewuyidayisile insimu, uwena obuzozinqumela ukuthi wenzani ngemali. Kungani-ke wenza sengathi imali uyinikele yonke kanti awuyinikelanga yonke? Uqamba amanga, awuwaqambi kithi kuphela kodwa nakuNkulunkulu.’

Akuyona into encane lena. U-Ananiya uqamba amanga! Akenzi lokhu athi uyakwenza. Ushaya sengathi uyakwenza. IBhayibheli liyasitshela ukuthi kube sekwenzekani. Lithi: ‘Lapho ezwa amazwi kaPetru, u-Ananiya uwela phansi afe.’ UNkulunkulu uyambulala u-Ananiya! Ngemva kwalokho, isidumbu sakhe sikhishelwa ngaphandle singcwatshwe.

Kwenzekani ku-Ananiya ngenxa yokuqamba amanga?

 Ngemva kwamahora amathathu, kungena uSafira. Akazi ukuthi kwenzekeni kumyeni wakhe. Ngakho uPetru uyambuza: ‘Ingabe insimu niyidayise ngale mali enisinike yona?’

USafira uyaphendula: ‘Yebo, siyidayise ngaleyo mali.’ Kodwa uqamba amanga! Bayithathile enye imali abadayise ngayo insimu. Ngakho uNkulunkulu uyambulala noSafira.—IzEnzo 5:1-11.

Yini okufanele siyifunde kulokho okwenzeka ku-Ananiya noSafira?— Sifunda ukuthi uNkulunkulu akabathandi abantu abaqamba amanga. Ufuna sikhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi. Kodwa abantu abaningi bathi kulungile ukuqamba amanga. Ucabanga ukuthi baqinisile?— Ubuwazi nje ukuthi zonke izifo, ubuhlungu, nokufa okusemhlabeni kwaba khona ngenxa yamanga?—

UJesu wathi ubani owaqamba amanga okuqala, waba yini umphumela?

Khumbula, uDeveli waqamba amanga kowesifazane wokuqala, u-Eva. Wamtshela ukuthi ngeke afe uma engamlaleli uNkulunkulu edla isithelo uNkulunkulu ayethe akufanele asidle. U-Eva wamkholwa uDeveli wasidla leso sithelo. Wasinika no-Adamu. Base beyizoni-ke manje, futhi zonke izingane zabo zazizozalwa seziyizoni. Futhi ngenxa yokuthi zaziyizoni, zonke izingane zika-Adamu zahlupheka futhi zafa. Zabangelwa yini zonke lezi zinkathazo?— Zabangelwa amanga.

Yingakho nje uJesu athi uDeveli “ungumqambimanga noyise wamanga”! Uyena owaqala ukuqamba amanga. Uma umuntu eqamba amanga, usuke enza into eyaqalwa uDeveli. Kufanele sikukhumbule lokhu uma silingeka ukuba siqambe amanga.—Johane 8:44.

Kunini lapho ungase ulingeke khona ukuba uqambe amanga?— Akuze kungaba yini yilapho  wenze into engalungile?— Ungase uphule into ethile ungaqondile. Uma ubuzwa, kufanele yini uthi umfowenu noma udadewenu oyiphulile? Noma kufanele ushaye sengathi awazi ukuthi iphuke kanjani?—

Kunini lapho ungase ulingeke khona ukuba uqambe amanga?

Ake sithi bekufanele wenze umsebenzi wesikole ekhaya, kodwa wawenza wangawuqeda. Kufanele yini uthi uwenze wonke, noma ungawenzanga wonke?— Kufanele sikhumbule u-Ananiya noSafira. Abazange balikhulume lonke iqiniso. Futhi uNkulunkulu wabonisa ukuthi kwakukubi kangakanani lokho ngokubabulala.

Ngakho kungakhathaliseki ukuthi soneni, iyoba yimbi nakakhulu leyo nto uma siqamba amanga, futhi akufanele silikhulume nokulikhuluma iqiniso elingaphelele. IBhayibheli lithi: ‘Khuluma iqiniso.’ Libuye lithi: “Ningaqambi amanga omunye komunye.” Ngaso sonke isikhathi uJehova ukhuluma iqiniso futhi ulindele ukuba nathi senze kanjalo.—Efesu 4:25; Kolose 3:9.

Kufanele sikhulume iqiniso ngaso sonke isikhathi. Yilokho okushiwo ku-Eksodusi 20:16; IzAga 6:16-19; 12:19; 14:5; 16:6; namaHebheru 4:13.