Dlulela kokuphakathi

Ulibona Linjani Ikusasa?

Ulibona Linjani Ikusasa?

Ingabe leli zwe . . .

  • liyohlala linje?

  • lizoba libi kakhulu?

  • lizoba ngcono?

 OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“UNkulunkulu . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”​—IsAmbulo 21:​3, 4, INguqulo Yezwe Elisha.

LOKHO OKUNGASE KUKUSHO NGAWE

Uyoba nomsebenzi ojabulisayo nowanelisayo.​—Isaya 65:​21-23.

Ngeke kusaba khona ukugula nakho konke ukuhlupheka.​—Isaya 25:8; 33:24.

Uzophila phakade ngenjabulo nomndeni wakho nabangane. ​—IHubo 37:​11, 29.

 SINGAKUKHOLELWA NGEMPELA YINI OKUSHIWO IBHAYIBHELI?

Yebo, okungenani ngenxa yezizathu ezimbili:

  • UNkulunkulu unamandla okugcwalisa izithembiso zakhe. EBhayibhelini, uJehova uNkulunkulu kuphela ‘uMninimandla Onke,’ onamandla angenamkhawulo. (IsAmbulo 15:⁠3) Ngakho uyakwazi ukugcwalisa isithembiso sokushintsha leli zwe libe ngcono. IBhayibheli lithi, “kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”​—Mathewu 19:⁠26.

  • UNkulunkulu uyafisa ukugcwalisa izithembiso zakhe. Ngokwesibonelo, uJehova ‘uyakulangazelela’ ukuvusa abafileyo.​—Jobe 14:​14, 15.

IBhayibheli libuye lithi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yaphulukisa abagulayo. Kungani abaphulukisa? Yingoba wayefuna ukubasiza. (Marku 1:​40, 41) UJesu wabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaYise ngokuba nesifiso sokusiza abaswele.​—Johane 14:9.

Ngakho singaqiniseka ngokuthi uJehova noJesu bafuna ukusisiza ukuba sithole ikusasa elijabulisayo!​—IHubo 72:​12-14; 145:16; 2 Petru 3:9.

 CABANGA NGALOKHU

UNkulunkulu uzolenza kanjani leli zwe libe ngcono?

IBhayibheli liphendula lo mbuzo kuMATHEWU 6:​9, 10 nakuDANIYELI 2:44.