Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

 IDOMINICAN REPUBLIC

Inkululeko Yokushumayela

Inkululeko Yokushumayela

 UTrujillo Uyabulawa

Ngo-1960 ukubusa kobushiqela kukaTrujillo kwakugxekwa ngezinga elandayo kwamanye amazwe futhi abantu bakuleli babengamfuni. Phakathi nazo zonke lezi zinxushunxushu zezombusazwe, kwafika uMilton Henschel wasendlunkulu yomhlaba wonke, waba khona emhlanganweni wezinsuku ezintathu ngo-January 1961. Kwakunabangu-957 emhlanganweni weningi, kwabhapathizwa abangu-27. Phakathi nokuhambela kwakhe, uMfoweth’ uHenschel wasiza abafowethu ukuba baqale ukuhlela kabusha umsebenzi nensimu.

Ababonisi besigodi ababili, u-Enrique Glass noJulián López, babelwa ukuba bahambele amabandla. UJulián wachaza: “Isigodi engangisihambela sasihlanganisa amabandla amabili asempumalanga yezwe nawo wonke asenyakatho. U-Enrique wayehambela amabandla asempumalanga engangingafiki kuwo mina kanye nawo wonke aseningizimu.” Lokho kuhanjelwa kwaphinde kwavula indlela yokuxhumana phakathi kwamabandla nenhlangano futhi kwasiza ekwakheni abazalwane ngokomoya.

USalvino noHelen Ferrari besendleleni eya eDominican Republic ngo-1961

Ngo-1961 kwafika uSalvino noHelen Ferrari, ababethweswe iziqu ekilasini lesibili laseGileyadi. Izinto abazifunda beyizithunywa zevangeli eCuba zaba usizo olukhulu emsebenzini omkhulu wesivuno esingokomoya eDominican Republic. Ngokuhamba kwesikhathi, uSalvino wakhonza eKomitini Yegatsha waze washona ngo-1997, kanti uHelen ubelokhu esenkonzweni yesikhathi esigcwele iminyaka engu-79, eminingi yayo ayichithe eyisithunywa sevangeli.

Ngokushesha ngemva kokufika kwabakwaFerrari, ukubusa kukaTrujillo okunesihluku kwaqedwa ngobusuku  bangomhla ka-30 May, 1961, lapho edutshulelwa emotweni yakhe. Ukubulawa kwakhe akuzixazululanga nokho izinkinga zezombusazwe, kwaqhubeka kunemibango nezinxushunxushu zezombusazwe iminyaka eminingi.

Umsebenzi Wokushumayela Uqhubekela Phambili

Phakathi naleso sikhathi, kwafika ezinye izithunywa zevangeli. UWilliam Dingman owathweswa iziqu ekilasini lokuqala laseGileyadi nomkakhe, u-Estelle, kanye noThelma Critz noFlossie Coroneos, babelwa eDominican Republic besuka egatsheni lasePuerto Rico ngemva kwezinsuku ezimbili uTrujillo ebulewe. UWilliam uyachaza: “Ngesikhathi sifika kwakunezibhelu namasosha engazibekile phansi. Babekwesaba abantu ukuvukela umbuso futhi amasosha ayesesha wonk’ umuntu emgwaqweni omkhulu. Samiswa kaningi nathi futhi isikhathi ngasinye imithwalo yethu yayiseshwa. Kwakukhishwa konke okusemasudikesini, ngisho nezinto ezincuncuncu.” Kwakuyinselele ukushumayela endaweni enjalo enezibhelu zezombusazwe.

UThelma Critz, u-Estelle noWilliam Dingman basahlala lapha ngemva kweminyaka engu-67 beyizithunywa zevangeli ezishisekay

“Ngesikhathi kusabusa uTrujillo ongumashiqela,” kusho uWilliam, “abantu babetshelwe ukuthi oFakazi BakaJehova bangamaKhomanisi futhi bakhohlakele. . . . Kancane kancane sakwazi ukuyisusa leyo micabango ezingqondweni zabo.” Ngenxa yomsebenzi owawusuvuselelwe, inani elikhulayo labantu abaqotho lamukela isigijimi soMbuso. Ngasekupheleni konyaka wenkonzo ka-1961, kwase kunamaphayona akhethekile angu-33 kuleli.