Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

 IDOMINICAN REPUBLIC

Bakhululekile, Baphinde Bavinjelwa

Bakhululekile, Baphinde Bavinjelwa

Inkululeko Engalindelekile

UManuel Hierrezuelo washona ngesikhathi ­iziphathimandla zimpheka ngemibuzo

Phakathi nayo yonke iminyaka enzima yokuvinjelwa komsebenzi, uLennart noVirginia Johnson, uRoy noJuanita Brandt bahlala esabelweni sabo sezithunywa zevangeli. ULennart uyakhumbula: “Mina noRoy Brandt sabizwa yizikhulu zizosipheka ngemibuzo. Izikhulu zikahulumeni kaTrujillo zazikade zibize uMfoweth’ uManuel Hierrezuelo.” Ngokudabukisayo, uManuel washona ngesikhathi bempheka ngemibuzo, elondoloze ubuqotho bakhe kwaze kwaba sekugcineni. Kwenzekani kuLennart noRoy? ULennart waqhubeka: “Lapho sifika, sabuzwa imibuzo ngokwehlukana, izimpendulo zethu zaziqoshwa. Akukho okwenzeka ngaleso sikhathi kodwa ngemva kwezinyanga ezimbili amaphephandaba amemezela ukuthi uhulumeni kaTrujillo wawungasawuvimbele umsebenzi woFakazi BakaJehova nokuthi singaqhubeka nemisebenzi yethu.”

Ngaphambi kokuvinjelwa komsebenzi ngo-1950, kwakunabamemezeli abangu-261 ababeshumayela eDominican Republic. Lapho umsebenzi usuvuliwe ngo-August 1956, base bengu-522 ababememezela izindaba ezinhle. Kwabajabulisa abafowethu ukwazi ukuthi base bezokwenza inkonzo yabo ngokukhululekile ngemva kweminyaka eyisithupha beboshwa, bebekelwe imingcele futhi begadwe ngeso elibukhali.

Basabela kanjani abantu bakaJehova kulolu shintsho olwabamangaza? Zisuka nje baqala ukuhlela kabusha umsebenzi! Babheka izindawo ababengahlangana kuzo njengamabandla, benza amabalazwe ensimu amasha namafayela amabandla. Kwabathokozisa uku-oda nokuthola izincwadi. Njengoba base bethole inkululeko, bashumayela  ngentshiseko. Ngenxa yalokho, ezinyangeni ezintathu nje, ngo-November 1956, kwaba nabamemezeli abangu-612 ababeshumayela.

Umkhankaso Wabefundisi Obonisa Inzondo

Incwadi kaToledano yayichaza izindlela zokuvimbela izincwadi zethu zingangeni kuleli zwe

Noma kunjalo, ngaso leso sikhathi abefundisi bamaKatolika baqala ukwakha icebo lokudicilela phansi oFakazi. Besekelwa isivumelwano esasisayinwe uTrujillo neVatican, bazama ukuthonya uhulumeni ukuba uqede oFakazi. Umpristi ongumKatolika u-Oscar Robles Toledano, wathumela incwadi kuNobhala WoMbuso Wezangaphakathi uVirgilio Álvarez Pina, ecela uhulumeni ukuba umsekele emzamweni wakhe “wokuxwayisa abantu baseDominican Republic ngengozi enkulu yokuzihlanganisa nehlelo ‘loFakazi BakaJehova.’”

UToledano wachaza ukuthi injongo yakhe eyinhloko “ukubhuntshisa umkhankaso woFakazi BakaJehova wokuguqula abantu.” Incwadi kaToledano yacela nokuba  izincwadi zethu zingavunyelwa kuleli zwe, “ikakhulukazi incwadi ethi ‘Iqiniso Liyakunikhulula’ nomagazini INqabayokulinda.”

Baphinde Bavinjelwa

Abaholi benkolo nobhululu babo ababekuhulumeni kaTrujillo bahlanganyela etulweni lokuhlasela oFakazi. UFrancisco Prats-Ramírez, umongameli wenhlangano ebizwa ngokuthi iDominican Party, wabhalela uTrujillo incwadi ngo-June 1957, echaza: “Ngihlela imihlangano yokulwa nemisebenzi yoFakazi BakaJehova eyingozi nebonisa ukuthi abalithandi izwe lakubo.”

Lo mkhankaso wokunyundela waba nemiphumela ngaso leso sikhathi, njengoba kuchazwe encwadini ethi Trujillo—Little Caesar of the Caribbean: “Ezinyangeni zasehlobo lango-1957 abezindaba eDominican Republic banyathelisa uhide lwezinto izikhulu eziphakeme zikaHulumeni ezazimangalela ngazo oFakazi BakaJehova zithi benza imisebenzi ‘yokuvukela umbuso neyingozi.’ Izinto zaqala ngosuku umpristi ongumJesuit ogama lakhe uMariano Vásquez Sanz ajivaza ngalo leli hlelo emsakazweni kaTrujillo, i-La Voz Dominicana [Izwi LaseDominican], ethi liyizisebenzi zamaKhomanisi futhi wathi abalandeli balo ‘bayizitha ezikhohlakele, ezingamaqili, eziyizigebengu nezingamambuka.’ Ngemva kwalokho incwadi esayinwe abaBhishobhi Abakhulu oRicardo Pittini no-Octavio Antonio Beras yatshela abapristi ukuba bavikele amalungu esonto labo ‘kuleli hlelo elibi kangaka.’”

Imizamo yokubambisana yeSonto noMbuso yawufinyelela umgomo wayo. Ngo-July isiShayamthetho saseDominican Republic sakhipha umthetho ovimbela oFakazi BakaJehova. Ngokushesha, abafowethu bashaywa futhi bahlukunyezwa amaphoyisa. Sebebonke bangu-150 abafowethu ababoshwa.