Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

 IDOMINICAN REPUBLIC

Babesengozini Yokuboshwa

Babesengozini Yokuboshwa

Kwakudingeka ‘Baqaphe Njengezinyoka Nokho Babe Msulwa Njengamajuba’

Kwakubalulekile ukuba izinceku zikaJehova eziqotho ziqhubeke zithola ukudla okungokomoya ngesikhathi umsebenzi uvinjelwe, kepha kwakuyisikhathi esiyingozi kubakhulekeli beqiniso. Phakathi naleyo minyaka, abafowethu abaningi baboshwa bagwetshwa iminyaka eminingi.

UJuanita Borges uyachaza: “Ngesikhathi ngithola iqiniso ngo-1953, ngangazi kahle ukuthi njengoFakazi KaJehova ngisengozini yokuboshwa. Yilokho kanye okwenzeka. Ngo-November 1958, ngesikhathi ngivakashele uDade Eneida Suárez, kwafika iphoyisa lomshoshaphansi lasiqambela amanga lathi siqhuba umhlangano. Sagwetshwa izinyanga ezintathu ejele futhi kwadingeka ngamunye ahlawule ama-peso ayikhulu—ngaleso sikhathi ayelingana nama-dollar ayikhulu (ase-United States).”

Amaphoyisa omshoshaphansi ayenokwaziswa okuningiliziwe ngabafowethu nodadewethu.

Uhulumeni wenza konke owawungakwenza ukuze uyekise oFakazi ukuhlangana ndawonye, kodwa abafowethu abayekanga. Noma kunjalo, kwadingeka ‘baqaphe njengezinyoka nokho babe msulwa njengamajuba.’ (Math. 10:16)  U-Andrea Almánzar uyakhumbula: “Lapho siya esifundweni, kwakudingeka sifike ngezikhathi ezingefani. Ngemva kwesifundo, sasiye sihambe sekuhlwe kakhulu ngoba kwakudingeka sihambe ngezikhawu ukuze singazidonseli amehlo.”

UJeremías Glass, owazalwa ngesikhathi uyise, uLeón, eboshiwe, waba ummemezeli ngo-1957 eneminyaka engu-7. Ukhumbula imihlangano eyayiqhutshelwa kubo ngomshoshaphansi nezinyathelo ezazithathwa ukuze bangabanjwa. Uyachaza: “Bonke ababekhona babenikezwa uqwembe oluncanyana olunenombolo ebonisa ukuthi bazolandelana kanjani uma sebehamba. Lapho umhlangano uphela, ubaba wayengimisa emnyango athi angibheke izinombolo ezisoqwembeni, bese ngitshela abaphumayo ukuthi abahambe ngababili baphume ngezindlela ezingefani.”

Kwakuhlelwa nokuba imihlangano ibe ngezikhathi eyayingenkulu ngazo ingozi yokuba babanjwe. Ngokwesibonelo, uMercedes García wathola iqiniso esihlotsheni sakhe, uPablo González. Ngesikhathi eneminyaka engu-7 nje kuphela, unina washona kanti uyise wayeboshiwe, kwasala yena nezingane zakubo ezingu-9. Wabhapathizwa ngo-1959 eneminyaka engu-9. Ukuze bangabanjwa, inkulumo yobhapathizo yenziwa seligamenxe ihora lesithathu ekuseni ngovivi. Yabekelwa emzini womzalwane, wacwiliswa eMfuleni i-Ozama, umfula onqamula enhloko-dolobha. UMercedes uthi: “Lapho seligamenxe elesihlanu ekuseni sase sigoduka, ngaleso sikhathi abantu kwakuyima bevuka.”