Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

 IDOMINICAN REPUBLIC

Abantu Abangu-22 Bashiya Isonto

Abantu Abangu-22 Bashiya Isonto

UGERMAN GOMERA wayelanywa umagcino ezinganeni ezingu-11. Ngemva kokushona kukayise nodadewabo ababili, unina uLuisa wathuthela edolobheni nomkhaya wakhe. Bafike bajoyina iSonto LamaMennonite, okwakusonta kulo abafowabo bakaLuisa nemikhaya yabo.

“Ngo-1962 kwafika umbhangqwana ongamaphayona akhethekile,” kulandisa uGerman. “Kwakuthiwa badukisa abantu bendawo ‘ngezimfundiso ezimbi.’ Noma kunjalo, lapho lo mbhangqwana ufika emkhayeni wakwaPiña, wamukelwa. Babewumkhaya omkhulu. Bahlatshwa umxhwele umusa nobungane obabuboniswa yila maphayona, ngakho basilalelisisa isigijimi sawo. Umphumela waba ukuthi abakwaPiña nodadewethu abathathu abadala baqala ukufundelwa.

“Ngelinye ilanga lapho amaphayona evakashele lo mkhaya wakwaPiña,” kuqhubeka uGerman, “acela umama ukuba abe khona naye. Afunda imiBhalo yeBhayibheli eyayikhuluma ngethemba lokuphila phakade emhlabeni. Umama wawabuza: ‘Pho kungani esontweni lethu bethi siya ezulwini?’ Ngemva kokuba umzalwane emphendule ngeBhayibheli futhi wamchazela lokho okushiwo imiBhalo ngovuko lwasemhlabeni,  umama wasabela ngomusa futhi waqala ukuxoxa nabanye ngalokho ayekufundile.

“Lapho abefundisi beSonto LamaMennonite bethola ukuthi amalungu alo ayefunda noFakazi BakaJehova, bazama ukuwayekisa. Kodwa lokho bakwenza ngendlela enokhahlo futhi babasongela. UMaximina, inkosikazi yakwaPiña, yabatshela: ‘Lalelani la! Ngimdala kabi mina, ngiyakwazi ukuzenzela izinqumo.’

UGerman uthi: “Ekugcineni abantu abangu-22 balishiya leli Sonto, baqala ukuya emihlanganweni yebandla eyayiqhutshelwa endlini eqashiwe. Umama wabhapathizwa ngo-1965, ngemva kweminyaka emine, ngo-1969, ngabhapathizwa ngineminyaka engu-13.”

UGerman nodadewabo namuhla. Bonke bakhonza uJehova ngokwethembeka