NGO-1492, uChristopher Columbus wahamba ngesikebhe waya eZweni Elisha—izindawo ezintsha ezithakazelisayo ezazinengcebo futhi kunamathuba okwenza izinto ezintsha kuzo. Waqamba esinye salezo ziqhingi afikela kuzo ngokuthi iLa Isla Española, noma iHispaniola, izingxenye ezimbili kwezintathu zaso manje ziyiDominican Republic. Muva nje, izinkulungwane zabantu baseDominican Republic ziye zathola into ehluke kakhulu—izwe elisha elizayo lokulunga kwaphakade ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. (2 Pet. 3:13) Manje kuzolandela umlando ovusa amadlingozi wabantu abanezinhliziyo ezinhle abathole le nto eyigugu.