Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Umbuthano Omkhulu Kunayo Yonke WoFakazi BakaJehova

Umbuthano Omkhulu Kunayo Yonke WoFakazi BakaJehova

NGOMGQIBELO, ngo-October 5, 2013 abantu abangu-257 294 emazweni angu-21 bathamela umhlangano waminyaka yonke we-129 we-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania besendaweni yomhlangano noma bewubukela kwezinye izindawo ngosizo lwe-Internet. Kamuva ngaleyo mpelasonto, abanye oFakazi baphinde bawubukela lo mhlangano owawusuqoshiwe. Sebebonke abathamela lo mhlangano babengu-1 413 676 emazweni angu-31—okwakuwumhlangano omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona yoFakazi BakaJehova.

Kusukela ngawo-1920, oFakazi BakaJehova baye basakaza imihlangano kwamanye amazwe besebenzisa ucingo neziteshi zomsakazo ezinkulu. Manje, ubuchwepheshe be-Internet  benza ngisho nabantu abasezindaweni ezisemajukujukwini bakwazi ukuzwa nokubona okwenzekayo lapho kwenzeka noma ngokushesha ngemva kwalokho.

Amalungu avela emahhovisi egatsha ahlukahlukene asebenza isikhathi esingaphezu konyaka ehlela ukusakazwa kwesimiso nge-Internet. Ngempelasonto okwasakazwa ngayo, ochwepheshe babebheke isimiso beseBrooklyn, eNew York futhi besebenza ubusuku nemini njengoba isimiso sasisakazwa ezindaweni zomhlangano ngezikhathi ezingu-15 ezihlukahlukene.