Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

 IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

“Siboné Izinto Eziyinqaba”

“Siboné Izinto Eziyinqaba”

Kubhapathizwa umzalwane oyimpumputhe

NGESINYE isikhathi lapho uJesu ephulukisa indoda efe uhlangothi, “bonke ngothi lwabo bagajwa yinjabulo enkulu, bakhazimulisa uNkulunkulu, futhi bagcwala ukwesaba, bathi: ‘Siboné izinto eziyinqaba namuhla!’” (Luka 5:25, 26) Izinto uJehova uNkulunkulu azifezayo namuhla ngeNdodana yakhe ethandekayo, inceku ethembekile neqondayo nangabakhulekeli bakhe abathembekile emhlabeni jikelele zisinika izizathu ezengeziwe zokwenanela la mazwi: “Siboné izinto eziyinqaba namuhla.”