Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015

Funda ngomsebenzi ofezwe oFakazi BakaJehova ngo-2014 ufunde nangomlando woFakazi eDominican Republic.

ISihloko Sonyaka Ka-2015

Isihloko sethu sonyaka ka-2015 sitholakala kumaHubo 106:1, sithi: “Mbongeni uJehova, ngoba muhle.”

INcwadi Evela Endikimbeni Ebusayo

INdikimba Ebusayo idlulisela ukubonga ngobuzalwane bomhlaba wonke obuboniswa oFakazi BakaJehova, ngomsebenzi wabo wokwethembeka nomshikashika wabo wothando nokukhuthazela.

Inqubekela Phambili Esheshayo EWarwick

Yizwa intokozo ekhona endaweni okwakhiwa kuyo indlunkulu entsha yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova.

I-Worldwide Design/Construction Department

Lo mnyango omusha unomsebenzi omkhulu wokusheshisa imisebenzi yokwakha engaphezu kuka-13 000.

Inguganaboya YeBhayibheli

INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ebukeziwe ka-2013 yinhle nengasheshi ukuguga.

Umbuthano Omkhulu Kunayo Yonke WoFakazi BakaJehova

A record-setting crowd met for the 129th annual meeting of the Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.

Ukunikezelwa Kwegatsha LaseSri Lanka

Isimiso sabukelwa nge-video streaming.

Umbiko Wezomthetho

OFakazi BakaJehova bayaqhubeka belwela amalungelo abo okuthola inkululeko engokwenkolo.

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Yini eyabangela amantombazane amabili aseGeorgia ukuba anikele ngemali eyayibekelwe ukuthenga umakhalekhukhwini?

“Siboné Izinto Eziyinqaba”

Iziphi izenzakalo zanamuhla ezingafaniswa nezimangaliso zangesikhathi sikaJesu?

Africa

Funda imibiko evelele yomsebenzi wethu wokufundisa ngeBhayibheli e-Angola, eCongo (Kinshasa), eGhana, eNigeria naseNingizimu Afrika ngo-2014.

Emazwekazini AseMelika

Funda imibiko evelele yomsebenzi wethu wokufundisa ngeBhayibheli e-Argentina, eBrazil, eHaiti, eParaguay naseSuriname ngo-2014.

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

Funda imibiko evelele yomsebenzi wethu wokufundisa ngeBhayibheli e-Indonesia, eMongolia, ePhilippines nakwelinye izwe lase-Asia ngo-2014.

EYurophu

Funda ngemibiko evelele yomsebenzi wethu wokufundisa ngeBhayibheli eBulgaria, eFinland, eJalimane, eRomania, eRussia, eSpain, naseSweden ngo-2014.

E-Oceania

Funda ngemibiko evelele yomsebenzi wethu wokufundisa ngeBhayibheli eKiribati, eMarshall Islands, ePapua New Guinea, naseVanuatu ngo-2014.

Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeDominican Republic

Funda ngezwe nangabantu bakhona.

Umsebenzi Uyaqala

Kwazithatha isikhathi esingakanani izithunywa zevangeli zokuqala eDominican Republic ukuqala isifundo seBhayibheli?

“Ngelinye Ilanga Siyobathola”

Ngemva kokubafuna iminyaka engu-13, uPablo González wabathola ayebafuna.

Bayaboshwa Futhi Bayavinjelwa

Abanye oFakazi bakukhuthazelela kanjani ukuphathwa ngesihluku iminyaka eminingi ejele?

Ukushumayela Kuyaqhubeka

Esikhundleni sokubika izimpindelo namahora, abamemezeli bakushintsha bakwenza uhlu lwezinto ezizothengwa esitolo ezazihlanganisa iklabishi nespinashi.

Bakhululekile, Baphinde Bavinjelwa

Ngemva kokuvinjelwa iminyaka eyisithupha, oFakazi BakaJehova eDominican Republic baphinde bavunyelwa ngo-1956, kodwa babuye bavinjelwa ngemva kwezinyanga ezingu-11.

ISonto LamaKatolika NoTrujillo

Nakuba kwase kuyisikhathi eside lisekela umashiqela waseDominican Republic, iSonto alizange lishintshe nje kuphela ukuma kwalo kodwa laphinde laxolisa kubantu baseDominican Republic.

Ukuhlaselwa Ngesihluku

Izinto oFakazi abasongelwa ngazo zenzeka ngempela, kodwa ingabe zaphumelela ukubayekisa ukholo?

Ngubani Oyinhloko?

Umshini wokwenza amakhophi, igalani lamafutha, isaka, nomdumbula kwakusetshenziselwa ukwenza nokusakaza ukudla okungokomoya ngesikhathi umsebenzi uvinjelwe.

Babesengozini Yokuboshwa

Nakuba imihlangano yabo yavalwa, oFakazi eDominican Republic bathola izindlela zokuqhubeka nomsebenzi futhi bangabanjwa.

Ukubekezela Kuletha Impumuzo

Ngemva kweminyaka uhulumeni ubaphikisa, oFakazi BakaJehova bathola usizo kumuntu ababengalindele ukuthi bangaluthola kuye.

“Ngalwisa Okwengonyama”

ULuis Eduardo Montás, owazama kabili ukubulala umashiqela wezwe lakubo, wathola amaqiniso eBhayibheli ngesikhathi efuna usizo lokuphinde azame ukumbulala.

“Ithemba LoMbuso Alilona Iphupho”

U-Efraín De La Cruz waboshwa futhi washaywa ngonya emajele angu-7 ngenxa yokushumayela izindaba ezinhle. Uye wayigcina kanjani intshiseko yakhe ivutha iminyaka engaphezu kwengu-60?

“Ngizoqhubeka Ngingomunye WoFakazi BakaJehova”

Exwayiswe umpristi ukuthi uzohlanya uma efunda iBhayibheli, uMary Glass walifunda naphezu kwalokho wayesethola ukuthi kungani ayenqatshelwe ukulifunda.

Inkululeko Yokushumayela

Ngemva kokubulawa kukaTrujillo, kwafika ezinye izithunywa zevangeli zaqala ukushumayela. Kancane kancane, zakwazi ukususa imibono engemihle abantu ababenayo ngoFakazi BakaJehova.

Abayi Ndawo

Umsebenzi wokushumayela waqhubekela phambili naphezu kwesiyaluyalu sezombusazwe. Yini eyenza kwacaca ukuthi oFakazi ‘abayi ndawo’ eDominican Republic?

Isidingo Sabashumayeli Abengeziwe

Umlando woFakazi BakaJehova eDominican Republic uhlanganisa nalabo abasabela esimemweni sokuba bayoshumayela khona.

Bayabathanda Abafowabo

Ngemva kokuba iSiphepho uGeorges sicekele phansi iDominican Republic ngo-1998, imizamo yothando yoFakazi yasiza abaningi futhi yayisa udumo kuJehova uNkulunkulu.

Ukubhekana Nokwanda

Njengoba babanda, oFakazi baqiniseka kanjani ukuthi kunezakhiwo ezanele zokukhulekela kanye nabazalwane abavuthiwe abazohola?

Insimu YesiCreole SaseHaiti

OFakazi BakaJehova baxoxa ngesigijimi soMbuso nabantu abakhuluma isiCreole SaseHaiti. Ngokuhamba kwesikhathi kumiswa amabandla kuqhutshwe namakilasi okufunda lolu limi.

Ukuzamazama Komhlaba EHaiti

Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eDominican Republic lenza umsebenzi omkhulu wokunikeza usizo ngemva kokuzamazama komhlaba ngo-2010 eHaiti. Kwasiza izisebenzi zokuzithandela eziningi kakhulu.

Amathemba Avusa Amadlingozi

Umsebenzi wokushumayela nowokwenza abafundi eDominican Republic usuqhubeke isikhathi eside kusukela ngaleliya Sonto lango-April 1, 1945. Kunezizathu eziningi zokubheka phambili ekusaseni eliqhakazile.

UJehova Uvule Izinhliziyo Zabaningi

Phakathi nesikhathi uLeonardo Amor asichitha eLa Vega, akekho noyedwa owabonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli. Ingabe isimo senhliziyo yabantu sasiyoke sishintshe?

Abantu Abangu-22 Bashiya Isonto

Kwakuthiwa oFakazi BakaJehova badukisa abantu bendawo ‘ngezimfundiso ezimbi.’ Kunalokho oFakazi BakaJehova babesebenzisa iBhayibheli ukuze banikeze izimpendulo ezigculisayo.

Wayeyisishoshovu Esingakholelwa KuNkulunkulu Manje Useyinceku Yakhe

UJuan Crispín wayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi ecabanga ukuthi ukuvukela kungenza umhlaba ube indawo engcono. Yini eyamshintsha waba inceku kaNkulunkulu?

Umuntu Wokuqala Oyisithulu Owamukela Iqiniso

UJosé Pérez waba uFakazi wokuqala oyisithulu eDominican Republic. UJosé wakwazi kanjani ‘ukuzwa’ isigijimi seBhayibheli nokuqonda ngokugcwele izimfundiso zalo?

Ukuthola Injongo Yokuphila

UJosé Estévez nomkhaya wakhe bathola injongo yangempela yokuphila. Bazibonele kanjani ukuthi uJehova unguMgcwalisi wezithembiso zakhe?

Ngangifuna Ukuyeka Ukukhonza UNkulunkulu

Nakuba uMartín Paredes ayefundela ukuba umfundisi, wafuna ukuyeka ukukhonza uNkulunkulu. Incwadi ayiboleka kumphathi-mabhuku yakushintsha kanjani ukuphila kwakhe?

Eminyakeni Eyikhulu Edlule Ngo—1915

OFakazi BakaJehova babhekana kanjani nenkathi yovivinyo eyalandela u-1914?