Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016

 I-INDONESIA

Wayazisa Ingcebo Engokomoya

UThio Seng Bie

Wayazisa Ingcebo Engokomoya
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1906

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1937

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Umdala othembekile owakhuthazelela udlame lobuhlanga—Ilandiswa indodakazi yakhe uThio Sioe Nio

NGO-MAY 1963, kwaqubuka udlame olwalumelene namaShayina kulo lonke elaseNtshonalanga Java. Lolu dlame lwaludlange kakhulu eSukabumi, lapho umkhaya wakithi wawunebhizinisi lamaloli khona. Izixuku zabantu abase bevuke umbhejazana—kuhlanganise nabanye bomakhelwane bethu—zangena ngendlov’  iyangena ekhaya. Safofobala laphaya sesaba njengoba ababhikishi bephihliza futhi bephanga izimpahla zakithi.

Lapho ababhikishi sebehambile, abanye omakhelwane bethu beza bezosiduduza. Ubaba wahlala nabo phansi. Ezimpahleni zethu ezazicekelwe phansi, wathola iBhayibheli lakhe lesiSundane. Walivula wayesetshela omakhelwane ukuthi lezi zinto zazibikezelwe. Wabe esechaza ithemba loMbuso elijabulisayo.

Ubaba akazange agxile ekuzibekeleleni ingcebo yasemhlabeni. Wayesikhumbuza njalo: “Izinto ezingokomoya kumelwe zize kuqala!” Ngenxa yentshiseko yakhe, umama, izingane zakithi ezinhlanu, umkhulu, oneminyaka engu-90, izihlobo zakithi eziningi nomakhelwane, bonke bamukela iqiniso.