Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 I-INDONESIA

Uthando LobuKristu Ngezikhathi Zenhlekelele

Uthando LobuKristu Ngezikhathi Zenhlekelele

UKUZAMAZAMA komhlaba, ama-tsunami kanye nezintaba-mlilo kuvame ukuphazamisa ukuphila e-Indonesia. Lapho kwenzeka lezi zinhlekelele, abantu bakaJehova babasiza masinyane labo abathintekile, ikakhulu abafowabo abangokomoya. Ngokwesibonelo, ngo-2005 ukuzamazama komhlaba okukhulu kwacekela phansi iGunungsitoli, idolobha elikhulu kunawo wonke eNias Island eNyakatho yeSumatra. Ngaso leso sikhathi amabandla asesiqhingini esingumakhelwane saseSumatra kanye nehhovisi legatsha lathumela izimpahla. Umbonisi wesifunda nommeleli wehhovisi legatsha baya kuleso siqhingi beyokhuthaza abazalwane futhi babamise isibindi. UYuniman Harefa, umdala waseNias, uthi: “Omakhelwane babephelile ukwesaba. Kodwa usizo olusheshayo oluvela enhlanganweni kaNkulunkulu lwasiqinisekisa ngokuthi asisodwa.”