PHAKATHI nekhulu le-16 leminyaka, ukuhweba ngezinongo kwasimamisa umnotho womhlaba njengoba nje kwenza ukuhweba ngowoyela ongahluziwe namhlanje. Izinongo ezinjengekumini (nutmeg) nama-clove, ezazitholakala eSpice Islands eyayidumile (manje ebizwa ngokuthi isifundazwe saseMaluku nesaseNyakatho Maluku e-Indonesia) zazigaya enhle imali eYurophu.

Abahloli bamazwe uChristopher Columbus, uVasco da Gama, uFerdinand Magellan, uSamuel de Champlain noHenry Hudson bonke bafika eSpice Islands. Ukufuna izinongo zase-Indonesia kwenza abantu bazi ukuthi likuphi leli zwe.