Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 I-INDONESIA

Ngasinda Ekuvukeleni KwamaKhomanisi

URonald Jacka

Ngasinda Ekuvukeleni KwamaKhomanisi
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1928

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1941

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Wakhonza njengenceku yegatsha e-Indonesia iminyaka engaphezu kuka-25.

EKUSENI ngovivi ngo-October 1, 1965, amasosha eqembu elibizwa ngokuthi i-Indonesian Communist Party (PKI) abulala izikhulu zikahulumeni eziyisithupha lapho ezama ukugumbuqela umbuso. Uhulumeni waziphindiselela ngokukhulu ukushesha nangendlela enesihluku. Kwabulawa ngonya abantu abangaba ngu-500 000 okwakuthiwa bangamakhomanisi.

Ngemva kwamasonto amaningana behlulekile ukugumbuqela umbuso, isikhulu samaphoyisa sangitshela ukuthi igama lami laliphambili ohlwini lwabaholi benkolo amakhomanisi ayehlele ukubabulala. Saze sacela nokuyongibonisa umgodi engangizongcwatshelwa kuwo abase bewumbile, kodwa ngenqaba. Njengoba isimo sase simanzonzo kwezombusazwe, ngangingafuni ukubonakala ngihamba naso bese konakala idumela lami lokuba umKristu ongathathi-hlangothi.