Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016

Funda ngomsebenzi ofezwe oFakazi BakaJehova ngo-2015 nomlando wabo e-Indonesia.

ISihloko Sonyaka Ka-2016

EyamaHebheru 13:1 inesikhuthazo namazwi okuncoma.

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Lo mbiko okhuthazayo ubonisa indlela abe yisibusiso ngayo amalungiselelo anjengengosi ethi jw.org, iSiteshi Sokusakaza Se-JW, izinqola zokufakaza obala neMihlangano Yesifunda ka-2015.

“Asive Sisithanda Isiteshi Sokusakaza Se-JW!”

Yini eyayihilelekile ekusenzeni sibe khona lesi siteshi?

Ukusheshiswa Kokwakhiwa KwamaHholo OMbuso

Umsebenzi uye wahlelwa kabusha ukuze kuhlangatshezwane nesidingo sezinkulungwane zamahholo ombuso.

Uhamba Kanjani Umsebenzi EWarwick?

Thola ukwaziswa okufushane ngokuqhubekayo endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova.

Ukufinyelela Abangafinyeleleki

Yini eyenza uTerry akholwe ukuthi lokho ayekuzwe koFakazi BakaJehova kwakuphendule umthandazo wakhe?

Ukukhanya Kuyaqhubeka Kukhanya

Kule ngxenye, bona indlela uJehova aqhubeka ngayo ekhanyisa indlela yabakhulekeli beqiniso.

Ukunikezelwa Kwamagatsha

OFakazi BakaJehova eMadagascar nase-Indonesia bathola izibusiso ekuqaleni kuka-2015.

INguqulo Yezwe Elisha Ngezilimi Ezengeziwe

Kwakhululwa izinguqulo ezingu-16 ngonyaka wenkonzo ka-2015.

Umbiko Wezomthetho

Ukulwa nokubandlululwa ngokwenkolo kuyaqhubeka emhlabeni kabanzi.

Amanqampunqampu—Avela Emhlabeni Wonke

Okwakusesikoqokoqweni sikaKen omncane kwasiza ekwakhiweni kweHholo LoMbuso.

E-Afrika

Yiziphi izindlela ezintsha oFakazi abazisebenzisayo ukuze bahlanganyele nabanye izindaba ezinhle?

Amazwekazi AseMelika

Kungani owesifazane ayefunda endle esebenzisa ikhandlela? Kungani inkosi yamaNdiya AseMelika enolaka yayilindele oFakazi? Futhi wayekhalelani umuntu owayengumshushisi?

E-Asia NaseMpumalanga Ephakathi

Ayikho into evimba abavangeli boMbuso—kungaba ukukhubazeka noma ukuboshwa.

EYurophu

Indoda engumRom, isiboshwa nowesifazane owayefuna ukuzibulala kwabahlaba umxhwele ukuthola iqiniso.

E-Oceania

Amatafula ezincwadi, izinqola zokushumayela, ingosi ethi jw.org nama-video afundisa ngeBhayibheli atshala imbewu yeqiniso kubantu abangamakhulu, uma bengezona izinkulungwane!

Ake Sithi Qaphu Qaphu Nge-Indonesia

Funda kafushane ngezwe, abantu namasiko alesi siqhingi esikhulu kunazo zonke emhlabeni.

Ukuhweba Ngezinongo

Phakathi nekhulu le-16 leminyaka, ukuhweba ngezinongo kwasimamisa umnotho womhlaba.

Ngizothanda Ukuqala La!

Ama-colporteur (amaphayona) ambalwa ase- Australia ayekwazi ukumelana nobunzima, anqoba izinselele njengoba ayeqala umsebenzi wokushumayela.

Izindlela Zokuqala Zokushumayela

Ukukusakaza ngomsakazo nokufakaza emathekwini kwathukuthelisa izitha zeqiniso e-Indonesia.

IBibelkring

Le nkolo yayisekelwe ezincwadini zoFakazi BakaJehova, kodwa yazithola isilawulwa imibono yabanye abantu.

Wayazisa Ingcebo Engokomoya

Ababhikishi baphanga umuzi kaThio Seng Bie ebukele, kodwa bashiya into ethile eyayiyigugu kakhulu kunezinto abazithatha.

INtshonalanga Java Ithela Izithelo

Njengoba izincwadi zoFakazi zazilokhu zivinjelwa, basebenzisa ubuhlakani emsebenzini wabo wokushumayela.

Ngaphansi Kwejoka LamaJapane

Phakathi neMpi Yezwe II, abanye oFakazi bathola indlela yokubhalisa eziphathimandleni zamaJapane kodwa bangaluthatha uhlangothi.

Iphayona Elingesabi

Phakathi neminyaka engu-60 esenkonzweni, u-André Elias walondoloza ubuqotho lapho ephenywa ngemibuzo futhi esongelwa.

Kufika Izithunywa Zevangeli ZaseGileyadi

Izithunywa zevangeli eziqeqeshwe eGileyadi ezafika kuqala, zasiza ekwandiseni umsebenzi wokushumayela ngokushesha.

Umsebenzi Wokushumayela Ufinyelela EMpumalanga

Ingabe ukuphikisa kwabefundisi kwase kuzophumelela?

Kufika Izithunywa Zevangeli Ezengeziwe

Maphakathi nawo-1970, izimo okwakushunyayelwa ngaphansi kwazo zashintsha ngokushesha zaba zimbi.

Indodakazi KaSara Yangempela

UTiti Koetin wazithoba ngenjabulo kumyeni wakhe, wathola umvuzo omkhulu.

UMhlangano Ongasoze Walitshalwa

Umhlangano wango-1963 owawuthi “Izindaba Ezinhle Zaphakade” waphumelela naphezu kwezingqinamba.

Ngasinda Ekuvukeleni KwamaKhomanisi

Ithuna likaRonald Jacka lase limbiwe.

Iminyaka Engu-50 Ngiyiphayona Elikhethekile

ENtshonalanga Papua ngo-1964, umfundisi ongumProthestani wathi: ‘Ngizobaqeda nya oFakazi BakaJehova eManokwari!’ Ingabe waphumelela?

Wayeyisikhulu Sezigebengu Manje Useyisakhamuzi Esihloniphekile

Isikhulu sikahulumeni sabuza: “OFakazi BakaJehova benzani ngempela e-Indonesia?”

Bazimisela Ukuqhubekela Phambili

Yini eyenza abanye bathi, “OFakazi BakaJehova bafana nezipikili”?

Abazange Bayeke Ukuhlangana Ndawonye

Lapho ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova sekuqediwe, isikhulu esithile sathi: “Leli phepha elinigunyazayo alininikezi inkululeko yokukhulekela.”

Uthando LobuKristu Ngezikhathi Zenhlekelele

OFakazi BakaJehova bathatha isinyathelo ngokushesha ngemva kokuba ukuzamazama komhlaba kucekele phansi idolobha lase-Indonesia i Gunungsitoli.

Sasingeke Siyekethise Okholweni Lwethu

UDaniel Lokollo ukhumbula eshushiswa onogada basejele.

Salalela Isiqondiso—Sasinda!

Izingxabano phakathi kwamaSulumane namaKristu e-Indonesia zafaka ukuphila koFakazi BakaJehova engozini.

Umsebenzi Ukhula Ngejubane

Lapho ukuvinjelwa sekuqediwe, abazalwane bazuza ezicini ezintathu eziyinhloko.

Ukumemezela Igama LikaJehova Ngeqholo

OFakazi bazinqoba kanjani izinselele ezazibangelwa imikhuba namasiko ayebenza bantule isibindi?

IHhovisi Legatsha Elisendaweni Ephambili

Abafuna ukukhonza endaweni enendingeko enkulu, sebeyitholile.

“UJehova Wasibusisa Ngokungaphezu Kwesasikulindele!”

Ibandla lasendaweni yaseTugala Oyo, e-Indonesia, lathola isibusiso elalingasilindele.

Saphinde Sahlangana Ekugcineni!

Amantombazane amabili andawonye ayizithulu ahlukaniswa esemancane, enye yakhuliswa abanye abantu, kodwa iqiniso lawahlanganisa.

Eminyakeni Eyikhulu Edlule—Ngo-1916

Isenzakalo esenzeka ekupheleni kuka-1916 saba esibaluleke kakhulu kubaFundi BeBhayibheli.

Izingqikithi Zika-2015

Yimiphi imizamo eyenziwe futhi zingakanani izimali ezisetshenzisiwe ukuze kushunyayelwe izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu?

Ukugcina ISikhumbuzo—NgoLwesihlanu, Ngo-April 3, 2015

Umkhankaso wamasonto amane wezimemo waba nemiphumela emihle kakhulu.