Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  September 2017

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Baqeqeshe Ukuba Baqhubeke Bekhonza UJehova

Baqeqeshe Ukuba Baqhubeke Bekhonza UJehova

Ngokuvamile, bavame ukuphumelela labo abasanda kuba abamemezeli uma beqeqeshwe zisuka nje ukuba baye njalo enkonzweni yasensimini futhi bayenze ngentshiseko. (IzA 22:6; Fil 3:16) Nanka amanye amacebiso okusiza umfundi ukuze abe nesisekelo esihle enkonzweni:

  • Qala ukuqeqesha umfundi ngokushesha nje ngemva kokuba esengummemezeli. (km 8/15 1) Gcizelela kumfundi ukubaluleka kokuhlela ukuya enkonzweni yasensimini masonto onke. (Fil 1:10) Khuluma izinto ezinhle ngensimu eniyenzayo. (Fil  4:8) Mkhuthaze ukuba asebenze nombonisi weqembu kanye nabanye abamemezeli ukuze azuze emakhonweni abo.—IzA 1:5; km 10/12 6 ¶3

  • Ngemva kokuba umfundi esebhapathiziwe, ungayeki ukumkhuthaza nokumqeqesha enkonzweni yasensimini, ikakhulukazi uma engakayiqedi incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu.” km 12/13 7

  • Sebenzisa intshumayelo elula lapho usebenza nosanda kuba ummemezeli enkonzweni yasensimini. Ngemva kokuba usuzwe intshumayelo yakhe, mncome ngomusa. Mnike amacebiso azomsiza ukuba aphumelele nakakhulu enkonzweni. —km 5/10 7