Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  October 2016

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Indlela Yokunikeza Izimpendulo Ezinhle

Indlela Yokunikeza Izimpendulo Ezinhle

Izimpendulo ezinhle ziyalakha ibandla. (Ro 14:19) Ziyabazuzisa nalabo abazinikezayo. (IzA 15:23, 28) Ngakho-ke, kufanele sizame ukuphendula noma kanye emhlanganweni ngamunye. Yiqiniso, ngeke sikhonjwe ngaso sonke isikhathi lapho siphakamisa. Yingakho kungcono ukulungiselela izimpendulo eziningana.

Impendulo enhle . . . 

  • ilula, icacile, futhi imfushane. Ezimweni eziningi, inganikezwa ngemizuzwana engu-30 noma ngaphansi

  • iba ngcono kakhulu uma uphendula ngamazwi akho

  • ayiphindi ngokungenasidingo impendulo esishiwo

Uma ukhonjwe kuqala, . . . 

  • nikeza impendulo elula neshaya emhloleni

Uma impendulo isinikeziwe, ungase . . .

  • ubonise indlela umbhalo okhonjiwe ohlangana ngayo nendaba okuxoxwa ngayo

  • ubonise indlela le ndaba ekuthinta ngayo ukuphila kwethu

  • uchaze indlela esingakusebenzisa ngayo esikufundayo

  • ulandise isenzakalo esiqokomisa iphuzu elisemqoka lendaba okukhulunywa ngayo