Izindlela zokuphila esizifundiswa uJehova zingasivikela. Nokho, ukuze sizuze kuzo, kumelwe sizilonde ezinhliziyweni zethu. (IzA 7:3) Lapho inceku kaJehova ivumela inhliziyo yayo ukuba iphambuke, iba sengozini yokukhohliswa uSathane ngobuqili. Incwadi yezAga isahluko 7 ichaza ngensizwa eyavumela ukuphambukiswa inhliziyo yayo. Yikuphi esingakufunda emaphutheni ayo?

  • USathane uzama ukusidedisela kude noJehova ngokusebenzisa izinzwa zethu ezinhlanu ukusiyengela ekwenzeni okubi

  • Ukuhlakanipha nokuqonda kuyosisiza sikwazi ukuqaphela imiphumela emibi kakhulu ebangelwa izenzo ezingalungile futhi kuyosenza singabi sengozini engokomoya