Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

Kumenyelwa abantu emihlanganweni

INCWAJANA YOMHLANGANO WOKUPHILA NENKONZO October 2016

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Amacebiso okuhambisa i-Phaphama!, isimemo semihlangano yebandla nokwethula iqiniso leBhayibheli elifakazela ukuthi kwenzekani lapho sifa. Sebenzisa lezi zibonelo ukuze uzenzele eyakho intshumayelo.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Thembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho”

IzAga isahluko 3 zisiqinisekisa ngokuthi lapho simethemba uJehova, uzosivuza. Ungakubonisa kanjani ukuthi uyamethemba uJehova ngayo yonke inhliziyo yakho?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Ungayivumeli Inhliziyo Yakho Ukuba Iphambuke”

IzAga isahluko 7 zichaza indlela insizwa eyengekela ngayo esonweni lapho ivumela inhliziyo yayo iphambuke ezindleleni zikaJehova zokuphila. Yikuphi esingakufunda emaphutheni ayo?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Ukuhlakanipha Kungcono Kunegolide

IzAga 16 zithi kungcono ukuzuza ukuhlakanipha kunokuzuza ingcebo. Kungani ukuhlakanipha esikuthola kuNkulunkulu kuyigugu?

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Indlela Yokunikeza Izimpendulo Ezinhle

Izimpendulo ezinhle zizuzisa kokubili ophendulayo nebandla. Yiziphi izinto ezenza impendulo ibe yinhle?

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

Phishekela Ukuthula Nabanye

Ukuthula phakathi kwabantu bakaJehova akuzenzakaleli. Singasebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu ukuze sehlise ulaka bese silwela ukuthi kube nokuthula.

AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU

“Qeqesha Umntwana Ngokwendlela Emfanele”

Kungani isiyalo sibalulekile ukuze kuqeqeshwe kahle umntwana? IzAga 22 ziqukethe amacebiso awusizo kubazali.

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ingabe Uwasebenzisa Kahle Amakhadi Okungena Ku-JW.ORG?

Wasebenzise ngaso sonke isikhathi la makhadi okuxhumana lapho uyalela othile ukuba aqaphele iZwi likaNkulunkulu kanye nengosi yethu.