Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  November 2016

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

INQABAYOKULINDA

Umbuzo: Uma othile engakubuza ukuthi linjani izulu, ubungaphendula uthini?

UmBhalo: Joh 8:23

Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda ikhuluma ngalokho uJesu noYise abaye bakwembula ngezulu.

FUNDISA IQINISO

Umbuzo: Uyaqaphela yini ukuthi lesi siprofetho seBhayibheli sichaza lokho esikubonayo namuhla?

UmBhalo: 2Thim 3:1-5

Iqiniso: Njengoba lesi siprofetho seBhayibheli sezinsuku zokugcina sigcwaliseka manje, singaba nethemba lokuthi nesiprofetho esiphathelene nekusasa elingcono naso sizogcwaliseka.

KUNGANI KUFANELE UTADISHE IBHAYIBHELI? (I-video)

Isethulo: Sidlalela abantu i-video emfushane echaza ukuthi singazitholaphi izimpendulo ezanelisayo zemibuzo esemqoka. [Dlala i-video.]

Okuzohanjiswa: Le ncwadi ibonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngendlela uNkulunkulu azozilungisa ngayo izinkinga zezwe. [Hambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.]

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.