Kungaba lula ukucabanga ukuthi izinsuku zobusha bethu zizolokhu ziqhubeka nje nokuthi ngeke sibhekane ‘nezinsuku ezinzima’ ezihambisana nokuguga kuleli zwe likaSathane. (UmSh 12:1) Uma usemusha, ingabe ungathatha ngokuthi usenesikhathi esiningi sokuphishekela imigomo engokomoya njengenkonzo yesikhathi esigcwele?

‘Isenzakalo esingalindelekile sisehlela’ sonke, kuhlanganise nabasha. (UmSh 9:11) ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’ (Jak 4:14) Khona-ke, ningazindeli ngokungenasidingo ukuphishekela izithakazelo ezingokomoya. Ngenani ‘ngomnyango omkhulu oholela emsebenzini’ usakuvulekele. (1Ko 16:9) Ngeke nizisole.

Eminye imigomo engokomoya ongase uyiphishekele:

  • Ukushumayela ensimini yolunye ulimi

  • Inkonzo yokuphayona

  • Ukuya ezikoleni zenkonzo

  • Ukusebenza ezakhiweni

  • Inkonzo yaseBethel

  • Umsebenzi wokujikeleza

Bhala eyakho imigomo engokomoya.