Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  May 2017

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

INQABAYOKULINDA

Isethulo: Enye yezinto ezaziwa kakhulu encwadini yesAmbulo abagibeli bamahhashi abane. Abanye abantu bayawesaba lo mbono kanti abanye bathanda ukwazi kakhudlwana ngawo.

UmBhalo: IsAm 1:3

Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda ibonisa indlela lo mbono wabagibeli abane bamahhashi ongasizuzisa ngayo.

FUNDISA IQINISO

Umbuzo: Ucabanga ukuthi singakwazi ukuthola ukuthi ikusasa lisiphatheleni?

UmBhalo: Isaya 46:10

Iqiniso: UNkulunkulu usembulela ikusasa ngeZwi lakhe, iBhayibheli.

UMNDENI WAKHO UNGAJABULA (hf)

Isethulo: Sidlalela abantu le video emfushane ekhuluma ngomndeni. [Dlala i-video yokwethula incwajana ethi Umndeni Wakho Ungajabula.]

Okuzohanjiswa: Uma ungathanda ukufunda le ncwajana evezwe kule video, ngingakupha yona noma ngikubonise ukuthi idawunilodwa kanjani engosini yethu.

ZENZELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.