Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  May 2017

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JEREMIYA 39-43

UJehova Uyonikeza Lowo Nalowo Ngokwemisebenzi Yakhe

UJehova Uyonikeza Lowo Nalowo Ngokwemisebenzi Yakhe

UZedekiya akasilalelanga isiqondiso sikaJehova sokuzinikela eBhabhiloni

39:4-7

  • Amadodana kaZedekiya abulawa phambi kwakhe. Wabe esephuphuthekiswa, waboshwa ngezibopho zethusi futhi wavalelwa eBhabhiloni waze wafela khona

U-Ebhedi-meleki wabonisa ukwethembela kuJehova nokukhathalela umprofethi waKhe uJeremiya

39:15-18

  • UJehova wathembisa ukumlonda u-Ebhedi-meleki lapho kubhujiswa uJuda

UJeremiya washumayela ngesibindi iminyaka eminingi ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema

40:1-6

  • UJehova wamvikela uJeremiya lapho iJerusalema livinjezelwe futhi wahlela ukuba abaseBhabhiloni bamkhulule