Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  May 2016

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Izindlela Zokusebenzisa I-JW Library

Izindlela Zokusebenzisa I-JW Library

LAPHO UTADISHA:

  • Funda iBhayibheli nomBhalo wosuku.

  • Funda INcwadi Yonyaka, omagazini nezinye izincwadi. Sebenzisa i-bookmark

  • Lungiselela imihlangano yebandla futhi ugqamise izimpendulo

  • Bukela ama-video

LAPHO USEMIHLANGANWENI:

  • Bheka imiBhalo eshiwo yisikhulumi. Sebenzisa isici esithi Obukuvulile ukuze uphindele emBhalweni

  • Kunokuba uze nezincwadi eziningi ezinyathelisiwe emhlanganweni, sebenzisa umshini wakho ukuze uhambisane nezinkulumo ezihlukahlukene futhi ucule. I-JW Library inezingoma ezintsha ezingakabi khona eculweni elinyathelisiwe

LAPHO USENKONZWENI:

  • Bonisa umuntu onesithakazelo okuthile kuyi-JW Library futhi umsize adawunilode lolu hlelo nezincwadi emshinini wakhe

  • Sebenzisa isici sokucinga ukuze uthole ivesi. Uma ibinzana elithile lingaveli kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi, shintshela kuyi-Reference Bible uphinde ucinge

  • Bonisa abantu ama-video. Uma umninikhaya enezingane, ungadlala enye yama-video kwathi Yiba Umngane KaJehova. Noma ungambonisa i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? ukuze wakhe isithakazelo sokutadisha iBhayibheli. Uma umuntu ekhuluma olunye ulimi, mbonise i-video yolimi lwakhe

  • Bonisa umuntu umBhalo ngolunye ulimi enguqulweni oyidawunilode kusengaphambili. Yana kulowo mBhalo, uthinte inombolo yevesi, bese uthinta isithonjana sezinye izinguqulo