Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JEREMIYA 12-16

U-Israyeli Wamkhohlwa UJehova

U-Israyeli Wamkhohlwa UJehova

UJeremiya wanikwa isabelo esingelula esasiyobonisa ukuzimisela kukaJehova ukuqeda ukuziqhenya ngenkani kukaJuda neJerusalema

UJeremiya wathenga ibhande lelineni

13:1, 2

  • Ukunamathela kwebhande okhalweni kwakufanekisela ubuhlobo obuseduze obabungaba khona phakathi kukaJehova nesizwe

UJeremiya wathatha ibhande waliyisa eMfuleni i-Ewufrathe

13:3-5

  • Walifihla emfantwini wedwala wabe esebuyela eJerusalema

UJeremiya wabuyela eMfuleni i-Ewufrathe eyolanda ibhande

13:6, 7

  • Ibhande lase libolile

UJehova wanikeza incazelo yalokhu ngemva kokuba uJeremiya esesifezile lesi sabelo

13:8-11

  • Ukulalela kukaJeremiya okusuka enhliziyweni entweni eyayingase ibonakale iwubala kwaba nendima emizamweni kaJehova yokufinyelela izinhliziyo zabantu