Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

INQABAYOKULINDA

Umbuzo: Ujwayelene yini nala mazwi adumile?

UmBhalo: Joh 3:16

Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda ichaza indlela ukuhlupheka nokufa kukaJesu okungakuzuzisa ngayo.

INQABAYOKULINDA (ikhasi elingemuva)

Umbuzo: Ake ubheke lo mbuzo nezimpendulo ezivame ukunikezwa. [Funda umbuzo wokuqala nezimpendulo ezibekiwe.] Wena ubungaphendula kanjani?

UmBhalo: Math 4:1-4

Okuzohanjiswa: Njengoba uDeveli axoxa noJesu futhi wamlinga, kumelwe ukuba uDeveli ungumuntu ongokoqobo, hhayi uphawu lobubi nje. Yini enye eshiwo yiBhayibheli ngoDeveli? Lesi sihloko siyenaba.

ISIMEMO SESIKHUMBUZO

Okuzohanjiswa: Sihambe simemela abantu esenzakalweni esikhethekile. [Nikeza umninikhaya isimemo.] Ngo-March 23, izigidi zabantu emhlabeni wonke zizohlangana ukuze zikhumbule ukufa kukaJesu Kristu futhi zilalele inkulumo yeBhayibheli yamahhala ekhuluma ngokuthi ukufa kwakhe kusizuzisa kanjani. Lesi simemo sibonisa isikhathi nendawo lo mhlangano ozoba kuyo, endaweni yangakini. Sicela ufike uma izimo zikuvumela.

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Landela indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezinikeziwe ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yasensimini.