Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  March 2016

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOBE 6-10

UJobe Othembekile Uveza Usizi Lwakhe

UJobe Othembekile Uveza Usizi Lwakhe

UJobe wayephundlekile, elila futhi egula kabuhlungu kodwa wahlala ethembekile. Ngakho uSathane wazama ukumdumaza ukuze ephule ubuqotho bakhe. Kwafika “abangane” abathathu. Okokuqala babonisa uzwela lokubukisa. Babe sebehlala noJobe izinsuku eziyisikhombisa, abangakhipha nezwi elilodwa vo lenduduzo. Abakukhuluma ngemva kwalokho kwakuwukumbeka amabala nezinsolo ezibuhlungu.

UJobe wagcina ubuqotho bakhe kuJehova naphezu kobunzima obukhulu

6:3; 7:16; 9:20-22; 10:1, 12

  • Usizi lwenza uJobe wabona izinto ngendlela engeyona. Waphetha ngokungeyikho ngokuthi uNkulunkulu akanandaba nokuthi uhlala ethembekile noma cha

  • Ngenxa yokudumala, uJobe akazange akucabange okwakungaba izizathu zokuhlupheka kwakhe

  • Nakuba ayekhahlanyezwe usizi, uJobe wayesakhuluma ngothando lwakhe ngoJehova kulabo ababemsola