Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yini Engajabulisa UJehova?

Yini Engajabulisa UJehova?

Ngaphambi kokwenza izinqumo, siyazibuza yini ukuthi ‘Yini engajabulisa uJehova?’ Nakuba singasoze sazi konke ngalokho uJehova akucabangayo, uye wasivezela okwanele eZwini lakhe ukuze asisize sikwazi ukwenza “yonke imisebenzi emihle.” (2Thim 3:16, 17; Ro 11:33, 34) UJesu wayeyiqonda ngokucacile intando kaJehova futhi wenza kwaba yiyo eza kuqala ekuphileni kwakhe. (Joh 4:34) Njengoba silingisa uJesu, kwangathi singenza okusemandleni ethu ukuze senze izinqumo ezizojabulisa uJehova.​—Joh 8:28, 29; Efe 5:15-17.

BUKELA IVIDIYO ETHI QHUBEKANI NIQONDA UKUTHI IYINI INTANDO KAJEHOVA (LEV 19:18), BESE UPHENDULA IMIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani kumelwe sisebenzise izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu?

  • Lapho sikhetha umculo, iziphi izimiso zeBhayibheli okufanele sizisebenzise?

  • Lapho sikhetha esizokugqoka nendlela esizozilungisa ngayo, iziphi izimiso zeBhayibheli okufanele sizisebenzise?

  • Singabuye sizisebenzise kuphi ekuphileni izimiso zeBhayibheli?

  • Singalithuthukisa kanjani ikhono lethu lokuqonda lokho uJehova afuna sikwenze?

Izinqumo engizenzayo zibonisani ngobuhlobo enginabo noJehova?