Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  June 2016

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

“UNkulunkulu Ungumsizi Wami”

“UNkulunkulu Ungumsizi Wami”

AmaHubo 52-59 aveza imizwa kaDavide eziwombeni eziningana ezaziyinselele ekuphileni kwakhe. Nokho, waqhubeka ethembele kuJehova phakathi nalezo zikhathi ezibucayi. (IHu 54:4; 55:22) Ngaphezu kwalokho, wadumisa uJehova ngeZwi lakhe. (IHu 56:10) Ingabe njengoDavide nathi sihlakulela ukholo nokwethembela okufanayo kuNkulunkulu wethu? Ingabe sibheka eZwini lakhe ukuze sithole isiqondiso lapho sibhekene nezinkinga? (IzA 2:6) Yimaphi amavesi eBhayibheli akusiza ngesikhathi . . .

  • udikibele noma ucindezelekile?

  • ugula?

  • ukhutshwe abanye?

  • ushushiswa?