Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  June 2016

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 52-59

“Phonsa Umthwalo Wakho Phezu KukaJehova”

“Phonsa Umthwalo Wakho Phezu KukaJehova”

UDavide wabhekana kaningi noshushiso olunzima ekuphileni kwakhe. Lapho eqamba iHubo 55, wayesebhekane . . .

  • Nokwethukwa

  • Nokushushiswa

  • Nomuzwa wecala onamandla

  • Nosizi emndenini

  • Nokugula

  • Nokujikelwa abantu ayebethemba

Ngisho nalapho izinhlupheko zakhe zazibonakala zingaphezu kwamandla, uDavide wathola indlela yokubhekana nazo. Abantu abazizwa njengaye bangazuza eselulekweni sakhe esiphefumulelwe esithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova.”

Singalisebenzisa kanjani leli vesi namuhla?

55:22

  1. Thandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni nganoma iyiphi inkinga noma into ekukhathazayo

  2. Funa isiqondiso nokusekelwa eZwini likaJehova nasenhlanganweni yakhe

  3. Yenza ongakwenza ukuze udambise isimo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli