Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  June 2016

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

UMbuso—Iminyaka Eyikhulu Kuya Phambili

UMbuso—Iminyaka Eyikhulu Kuya Phambili

Labo abafisa ukuba izakhamuzi zoMbuso kaNkulunkulu kufanele bafunde konke abangakufunda ngawo nangalokho osukufezile. Ngani? Lokhu ngeke kugcine ngokuqinisa ukholo lwabo lokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa kodwa kuyoshukumisa nezinhliziyo zabo ukuba batshele abanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (IHu 45:1; 49:3) Njengoba ubukela i-video ethi UMbuso—Iminyaka Eyikhulu Kuya Phambili, zama ukuthola izimpendulo zemibuzo elandelayo:

  1. Kungani “i-Photo-Drama of Creation” yayiyisibusiso kulabo abayibukela?

  2. Umsakazo wasetshenziswa kanjani ekufinyeleleni abantu ngezindaba ezinhle?

  3. Yiziphi ezinye izindlela ezasetshenziswa ekushumayeleni izindaba ezinhle futhi zaba namuphi umphumela?

  4. Ukuqeqeshelwa inkonzo kuye kwathuthuka kanjani kule minyaka edlule?

  5. Yikuphi ukuqeqeshwa okuwusizo okwanikezwa abafundi baseSikoleni SaseGileyadi?

  6. Imihlangano emikhulu ibe naliphi iqhaza ekufundiseni abantu bakaJehova?

  7. Yini wena ekwenza uqiniseke ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa?

  8. Sibonisa kanjani ukuthi siyawusekela uMbuso kaNkulunkulu?