Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

 AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | AMAHUBO 45-51

UJehova Ngeke Ayilahle Inhliziyo Ephukile

UJehova Ngeke Ayilahle Inhliziyo Ephukile

IHubo 51 lalotshwa uDavide ngemva kokuba umprofethi uNathani eveze isono esikhulu sikaDavide noBhati-sheba. UDavide wadliwa unembeza futhi wasivuma ngokuthobeka isono sakhe.—2Sam 12:1-14.

UDavide wayonile kodwa wayesengalulama ngokomoya

51:3, 4, 8-12, 17

  • Ngaphambi kokuba aphenduke futhi avume isono sakhe, unembeza wakhe wamenza waphelelwa yinjabulo

  • Waba lusizi kakhulu ngokungamukelwa nguNkulunkulu kangangokuthi wazizwa njengomuntu ochobozeke amathambo

  • Wayefisa intethelelo, ukululama ngokomoya nenjabulo ayekade enayo

  • Wamncenga ngokuthobeka uJehova ukuba amsize azimisele ukulalela

  • Wayeqiniseka ukuthi uJehova uyomthethelela