Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  July 2016

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ukugcina Ukuphila Kwethu Kulula Kusisiza Sidumise UNkulunkulu

Ukugcina Ukuphila Kwethu Kulula Kusisiza Sidumise UNkulunkulu

Namuhla, kulula ukuba sizixake ngezinto eziningi ekuphileni. Kudingeka isikhathi namandla ukuze uthenge, ukhokhele, usebenzise, unakekele futhi uvikele izinto. UJesu wayephila ukuphila okulula ukuze izinto ezibonakalayo zingamphazamisi ngokungenasidingo enkonzweni yakhe.—Math 8:20.

Ungakwenza kanjani ukuphila kwakho kube lula ukuze wenze okwengeziwe ensimini? Uma ningahlela kabusha izimo, ukhona yini ekhaya ongaba iphayona? Ngisho noma usenkonzweni yesikhathi esigcwele njengamanje, kungenzeka yini ukuthi usuye wavumela izinto ezibonakalayo ukuba kancane kancane zenze ukuphila kwakho kube inkimbinkimbi? Ukuphila okulula enkonzweni kaJehova, kuwukuphila okujabulisayo nokwanelisayo.—1Thim 6:7-9.

Izindlela Engingenza Ngazo Ukuphila Kwami Kube Lula.