UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ungakuzama Yini Unyaka Owodwa?
Ukwenzani? Ukuba yiphayona elivamile! Azive ziziningi izibusiso oyozithola!—IzA 10:22.
NGOKUPHAYONA, . . .
ungathola ikhono njengomvangeli futhi ujabulele insimu ngokwengeziwe
ungaqinisa ubuhlobo bakho noJehova. Lapho ukhuluma ngokwengeziwe ngaye kwabanye, uzozikhumbula ngokwengeziwe izimfanelo zakhe ezihlaba umxhwele
uzonambitha ukwaneliseka okutholakala ngokubeka izithakazelo zoMbuso ngaphambi kwezakho futhi ujabulele imiphumela yokuzinikela ngenxa yabanye.—Math 6:33; IzE 20:35
ungaba khona emhlanganweni wamaphayona oqhutshwa ngesikhathi sokuhambela kombonisi wesigodi, emhlanganweni okhethekile ohambisana nomhlangano wosuku olulodwa naseSikoleni Senkonzo Samaphayona
ungathola amathuba engeziwe okuqala nokuqhuba izifundo zeBhayibheli
ungachitha isikhathi esiningi ushumayela nabanye, ujabulele izikhathi zokukhuthazana.—Ro 1:11, 12