Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Ungakwazi Yini Ukukuchaza Lokho Okukholelwayo?

Ungakwazi Yini Ukukuchaza Lokho Okukholelwayo?

Ubungamphendula kanjani umuntu okubuza ukuthi kungani ukholelwa ukuthi zonke izinto zadalwa? Ukuze ukwazi ukumphendula ngokuqiniseka, nazi izinto ezimbili okumelwe uzenze: Okokuqala, kudingeka uziqinisekise wena ukuthi zonke izinto zadalwa. (Roma 12:1, 2) Ngemva kwalokho, kumelwe ucabange ukuthi ungamchazela kanjani omunye umuntu lokho okukholelwayo.—IzA 15:28.

BUKELA IVIDIYO ETHI UDOKOTELA WAMATHAMBO UCHAZA NGOKHOLO LWAKHE NETHI ISAZI SEZILWANE SICHAZA UKHOLO LWASO, UKUZE UBONE UKUTHI KUNGANI ABANYE BEKHOLELWA UKUTHI ZONKE IZINTO ZADALWA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:

  • Kungani u-Irène Hof Laurenceau ekholelwa ukuthi zonke izinto zadalwa kunokuba akholelwe ekuziphendukeleni kwemvelo?

  • Kungani uYaroslav Dovhanych ekholelwa ukuthi zonke izinto zadalwa kunokuba akholelwe ekuziphendukeleni kwemvelo?

  • Ungamchazela kanjani omunye umuntu ukuthi kungani ukholelwa ukuthi zonke izinto zadalwa?

  • Yiziphi izinto inhlangano kaJehova ezilungiselele ngolimi lwakho ukuze zikusize uziqinisekise wena futhi ukholise nabanye ukuthi zonke izinto zadalwa uNkulunkulu?