Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  Januwari 2018

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Yekani Ukukhathazeka

Yekani Ukukhathazeka

ENtshumayelweni yaseNtabeni, uJesu wathi: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu.” (Math 6:25) Nakuba kujwayelekile ukuba abantu abanesono abaphila ezweni likaSathane bakhathazeke ngezinye izikhathi, uJesu wayefundisa abalandeli bakhe ukuba bakugweme ukukhathazeka kakhulu. (IHu 13:2) Kungani? Ngoba ukukhathazeka ngokungafanele ngisho nangezidingo zosuku kungasiphazamisa, kwenze kube nzima nakakhulu ukufuna kuqala uMbuso. (Math 6:33) Amazwi kaJesu alandelayo angasisiza siyeke ukukhathazeka ngokungadingekile.

Yini engifuna ukuyeka ukukhathazeka ngayo?