Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  January 2017

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Izintshumayelo Ezisikiselwe

INQABAYOKULINDA

Umbuzo: Abanye abantu bacabanga ukuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi, kanti abanye bakholelwa ukuthi lisewusizo. Wena ucabangani?

UmBhalo: 2Thim 3:16, 17

Okuzohanjiswa: Le Nqabayokulinda inikeza izibonelo zamazwi ahlakaniphile awusizo aseBhayibhelini namacebiso endlela ongazuza ngayo ngokugcwele lapho ufunda iBhayibheli.

FUNDISA IQINISO

Umbuzo: Ingabe ukuphela kwezwe kuseduze?

UmBhalo: Math 24:3, 7, 14

Iqiniso: Iziprofetho zeBhayibheli zibonisa ukuthi siphila esikhathini sokugcina. Kodwa lokhu kuyizindaba ezinhle—kusho ukuthi izikhathi ezingcono sezisemnyango.

INGABE IZINTO EZIPHILAYO ZADALWA?

Umbuzo: Yikuphi okubona kunengqondo kakhudlwana phakathi kokukholelwa ukuthi izinto eziphilayo zadalwa uNkulunkulu nokuthi zathuka ziba khona?

Okuzohanjiswa: Le ncwajana ibukeza ubufakazi obenze abaningi bakholelwa ukuthi kunoMdali ohlakaniphile. Ngingathanda ukubuya sizoxoxa ngombuzo osekhasini 29 othi: “Ingabe kunendaba ukuthi yini oyikholelwayo?

ZAKHELE EYAKHO INTSHUMAYELO

Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.