Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

Dlulela ohlwini lokuphathi

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo  |  January 2017

 UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Khumbula Ukuthandazela AmaKristu Ashushiswayo

Khumbula Ukuthandazela AmaKristu Ashushiswayo

IBhayibheli labikezela ukuthi uSathane wayezosishushisa, ezama ukuphazamisa inkonzo yethu. (Joh 15:20; IsAm 12:17) Singawasiza kanjani amaKristu esikanye nawo abhekene noshushiso kwamanye amazwe? Singawathandazela. “Ukunxusa komuntu olungileyo, lapho kusebenza, kunamandla amakhulu.”Jak 5:16.

Yini esingayithandazela? Singacela uJehova ukuba anike abafowethu nodadewethu isibindi futhi abasize bangesabi. (Isaya 41:10-13) Singathandazela nokuba iziphathimandla zibe nesimo esihle ngomsebenzi wokushumayela, “ukuze siqhubeke siphila ukuphila okuzolile nokunokuthula.”1Thim 2:1, 2.

Lapho uPawulu noPetru beshushiswa, amaKristu ekhulu lokuqala abathandazela ebabiza ngamagama. (IzE 12:5; Ro 15:30, 31) Ngisho noma singawazi amagama abo bonke labo abashushiswayo namuhla, singalisho yini ibandla, izwe noma indawo abakuyo?

Bhala amazwe anamaKristu ashushiswayo ofuna ukuwathandazela.